Iseluleko Sokubambelela KuKhristu
1Ngiyathanda ukuba nazi ukuthi nginikhandlekela kakhulu kangakanani nina nabaseLawodikheya nabo bonke abangakaze bangibone ngamehlo, 2ukuze izinhliziyo zabo zigqugquzeleke, behlanganisiwe othandweni, ukuze babe nengcebo yonke yokuqonda kweqiniso, bayazi imfihlakalo kaNkulunkulu enguKhristu; 3okufihlwe kuye wonke amagugu okuhlakanipha nawokwazi. 4Ngikusho lokhu ukuze kungabi bikho muntu onikhohlisa ngamazwi ayengayo. 5Noma mina siqu sami ngingekho phakathi kwenu, kodwa nginani ngomoya, ngiyathokoza uma ngibona ukuhleleka kwenu nokuqina kokukholwa kwenu kuKhristu.
6Ngakho-ke njengalokhu nimamukele uKhristu uJesu iNkosi, hambani nikuye, 7nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokhu nifundisiwe, nivame ukubonga.
8Qaphelani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize ngokwemvelo yabantu, ngezimfundiso zokucathula kwezwe, okungesikho okukaKhristu.
KuKhristu Kukhona Konke Ukuphelela KukaNkulunkulu
9Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba konke ukuphelela kukaNkulunkulu. 10Nina niphelelisiwe kuye, oyinhloko yemibuso yonke namandla, 11enasokelwa kuye, hhayi ngokusoka okwenziwa ngezandla ngokukhumula umzimba wenyama, kodwa ngokusoka kukaKhristu; 12nimbelwe kanye naye ngombhabhadiso, okungawo futhi navuswa kanye naye ngokukholwa ngamandla kaNkulunkulu owamvusa kwabafileyo.
13Nani-ke ebenifile ngeziphambeko zenu nokungasokwa kwenyama yenu, wanenza ukuba niphile kanye naye, esithethelela zonke iziphambeko zethu. 14Wayesula incwadi yecala lethu, eyayimelene nathi ngemiyalo ekuyo, wayisusa ngokuyibethela esiphambanweni. 15Wabephuca izikhali ababusi nabanamandla, wabathela ngehlazo obala, ebanqoba ngesiphambano.
Ukuxwayisa Ngezifundiso Zamanga
16Ngakho-ke makungabi bikho muntu onehlulela ngokudla, nangokuphuzwayo, noma ngemikhosi, noma ngokwethwasa kwenyanga noma ngamasabatha, 17okuyisithunzi nje salokhu obekuzofika, kodwa okuyikhonakhona nguKhristu. 18Makungabi bikho muntu onephuca umvuzo wenu, othanda ukuzenza othobile ekhonza izingelosi, ephike ngemibono yakhe, ezikhukhumeza ngeze ngengqondo yakhe yemvelo, 19engabambeleli kulowo oyinhloko, okungaye umzimba wonke uyondliwa, futhi uhlanganiswa ndawonye ngamalungu nemisipha, ukhula ngokukhula kukaNkulunkulu.
Impilo Entsha KuKhristu
20Uma nafa kanye noKhristu, nakhululwa ezimfundisweni zokucathula kwezwe, pho kungani kungathi nisaphila ngokwezwe, nithobela izimfundiso ezithi: 21“Ungathinti, unganambithi ngolimi, futhi ungabambi!” 22Konke lokho kuyizinto eziphelayo uma sezisetshenzisiwe ngokwemiyalo nezimfundiso zabantu. 23Konke kubonakala sengathi kunokuhlakanipha kokwenza abantu baziqokele inkolo eluthayo, nokuzenza abathobileyo, nokukhandla umzimba, kodwa akusizi ngalutho maqondana nokuzithiba ezinkanukweni zenyama.