Ukuphela Kwendaba KaJehoyakimi
1Emihleni yakhe kwenyuka uNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele; uJehoyakimi wayeyinceku yakhe, ekhonze kuye iminyaka emithathu, wabuye wamhlubuka. 2USimakade wathumela kuye amaviyo amaKhaledi, awama-Aramu, awakwaMowabi nawakwa-Amoni, wawathumela ukuba ambhubhise uJuda njengezwi likaSimakade alikhuluma ngomlomo wezinceku zakhe, abaphrofethi. 3Kwenzeka ngokweqiniso kwaJuda lokho uSimakade ayekukhulumile ukuze abasuse ebusweni bakhe ngenxa yezono zikaManase, nakho konke ayekwenzile, 4nangenxa yegazi elingenacala ayelichithile, wagcwalisa iJerusalema ngalo, lokho uSimakade akazange avume ukukuthethelela.
5Ezinye izindaba zikaJehoyakimi, nakho konke akwenzayo, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 6UJehoyakimi walaliswa kokhokho bakhe, uJehoyakini, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.
7Inkosi yaseGibhithe ayibuyanga futhi yaphuma ezweni lakubo, ngoba inkosi yaseBhabhele yayithathe konke okwenkosi yaseGibhithe, kusukela emfuleni eGibhithe kuze kuyofika eYufrathe.
UJehoyakini Uyinkosi KwaJuda
8UJehoyakini wayeneminyaka eli-18 ngesikhathi eba yinkosi, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema. Igama likanina kwakunguNehushitha, indodakazi ka-Elinathani waseJerusalema. 9Wenza okubi emehlweni kaSimakade njengakho konke okwenziwa ngokhokho bakhe.
10Ngaleso sikhathi izinceku zikaNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, zakhuphukela eJerusalema, zawuvimbezela umuzi. 11UNebukhadinezari, inkosi yaseBhabhele, wafika emzini owawuvinjezelwe yizinceku zakhe. 12Inkosi uJehoyakini wakwaJuda wazinikela enkosini yaseBhabhele, yena, unina, izinceku zakhe, izikhulu zakhe nezikhulu esigodlweni sakhe. Inkosi yaseBhabhele yamthatha ngonyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe. 13Yakhipha yonke ingcebo yendlu kaSimakade, ingcebo yasesigodlweni senkosi, yaphihliza zonke izinto zegolide inkosi uSolomoni wakwa-Israyeli ayezenzele ithempeli likaSimakade njengoba uSimakade ayeshilo. 14Yathumba lonke iJerusalema, zonke izikhulu, wonke amaqhawe anamandla, abathunjwa abayizi-10 000, izingcweti nabakhandi, ayishiyanga muntu, ngaphandle kwalabo bezwe ababedla imbuya ngothi.
15Yathumba uJehoyakini, yamyisa eBhabhele, indlovukazi unina wenkosi, amakhosikazi enkosi, izinduna zayo, nezikhulu zezwe, bonke yabathumba besuka eJerusalema yabayisa eBhabhele. 16Wonke amadoda anamandla ayizi-7 000, izinyanga, abakhandi, izinkulungwane zamaqhawe ayezilungiselele ukulwa; bonke inkosi yaseBhabhele yabathumba yabayisa eBhabhele. 17Inkosi yaseBhabhele yabeka uMathaniya, uyisekazi, waba yinkosi esikhundleni sakhe, yaliguqula igama lakhe waba nguZedekiya.
UZedekiya Uyinkosi KwaJuda
18UZedekiya wayeneminyaka engama-21 ngesikhathi eba yinkosi. Wabusa eJerusalema iminyaka eli-11. Igama likanina kwakunguHamithali, indodakazi kaJeremiya waseLibhina. 19Wenza okubi emehlweni kaSimakade, njengakho konke okwenziwa nguJehoyakimi. 20Lokho kwenzeka eJerusalema kwaJuda ngenxa yentukuthelo kaSimakade, waze wabalahla ebusweni bakhe. UZedekiya wayihlubuka inkosi yaseBhabhele.