UJehowahazi Uyinkosi Kwa-Israyeli
1Ngonyaka wama-23 wokubusa kukaJowashi, indodana ka-Ahaziya, inkosi yakwaJuda, uJehowahazi, indodana kaJehu, waba yinkosi kwa-Israyeli, wabusa eSamariya iminyaka eli-17. 2Wenza okubi phambi kukaSimakade, wenza izono ezenziwa nguJerobhowamu, indodana kaNebhathi, onisa ngazo u-Israyeli; akachezukanga kuzo. 3Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wayesemnikela esandleni sikaHazayeli, inkosi yase-Aramu, nasesandleni sikaBheni Hadadi, indodana yakhe, sonke leso sikhathi.
4UJehowahazi wamnxusa uSimakade, uSimakade wamuzwa. USimakade wabona ingcindezelo inkosi yase-Aramu eyayicindezele ngayo u-Israyeli. 5USimakade wanika u-Israyeli umkhululi; base bekhululeka phansi kwesandla sama-Aramu, abantu bakwa-Israyeli bahlala emathendeni abo njengakuqala. 6Nokho abaphendukanga ezonweni zendlu kaJerobhowamu onisa ngazo u-Israyeli; bahamba ngazo, u-Ashera abaze bamsusa eSamariya.
7Akashiyanga muntu kuJehowahazi, kuphela impi eyayingevile kwabamahhashi abangama-50, izinqola zempi ezilishumi namabutho ahamba ngezinyawo ayizi-10 000, ngokuba inkosi yase-Aramu yayibaqothe bafana nothuli esibhulweni.
8Ezinye izindaba zikaJehowahazi, nakho konke akwenzayo, namandla akhe, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 9UJehowahazi walaliswa kokhokho bakhe, wembelwa kwabakubo eSamariya, uJowashi waba yinkosi esikhundleni sakhe.
UJehowashi Uyinkosi Kwa-Israyeli
10Ngonyaka wama-37 wokubusa kukaJowashi, inkosi yakwaJuda, uJehowashi, indodana kaJehowahazi, waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya; wabusa iminyaka eli-16. 11Wenza okubi emehlweni kaSimakade, akachezukanga kuzo zonke izono zikaJerobhowamu, indodana kaNebhathi, onisa ngazo u-Israyeli, wahamba kuzo. 12Ezinye izindaba zikaJowashi, nakho konke akwenzayo, namandla akhe alwa ngawo no-Amaziya, inkosi yakwaJuda, akulotshiwe yini encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 13UJowashi walaliswa kokhokho bakhe; uJerobhowamu wahlala esihlalweni sakhe sobukhosi; uJowashi wembelwa eSamariya namakhosi akwa-Israyeli.
Ukugula Nokufa Kuka-Elisha
14U-Elisha wagula ngesifo esagcina simthathile. UJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wehla waya kuye, wakhala kakhulu, wathi: “Baba, Baba, inqola ka-Israyeli nabamahhashi bakhe!”
15U-Elisha wathi kuye: “Thatha umnsalo nemicibisholo.”
Wayesekuthatha-ke. 16U-Elisha wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Beka-ke isandla sakho emnsalweni.”
Wenza kanjalo, wawubamba ngesandla sakhe. U-Elisha wayesebeka isandla sakhe phezu kwezandla zenkosi.
17Wathi kuyo: “Vula ifasitela elingasempumalanga.”
Yalivula. U-Elisha wathi: “Ciba,” yayisiwuciba.
Wayesethi u-Elisha kuyo: “Lo ngumcibisholo kaSimakade wokunqoba, ngumcibisholo ozonenza ninqobe kuma-Aramu, ngokuba uyakuwabulala ama-Aramu, uwaqede e-Afeki.”
18Wayesethi: “Thatha imicibisholo.”
Yayithatha-ke. Wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Shaya emhlabathini.”
Yashaya kathathu, yayeka. 19Umuntu kaNkulunkulu wayithukuthelela inkosi, wathi: “Ukuba ubushaye kahlanu noma kayisithupha, i-Aramu ubuzolehlula uliqede nya, kodwa manje uyakulehlula kathathu kuphela.”
20U-Elisha wafa, bammbela. Kwakuthi ngokwethwasa konyaka, izwe lihlaselwe ngamaviyo akwaMowabi. 21Kwathi-ke besambela umuntu othile; bheka, babona iviyo liza; bamlahla lowo muntu ethuneni lika-Elisha. Kwathi lapho isidumbu sakhe sithinta amathambo ka-Elisha, waphila, wema ngezinyawo zakhe.
UJehowashi Wehlula UBheni Hadani Ubuyisa Nemizi Kwa-Israyeli
22Kepha uHazayeli, inkosi yase-Aramu, yayimcindezele u-Israyeli zonke izinsuku zikaJehowahazi. 23USimakade wayenomusa kubo; wayenesihe kubo, waphendukela kubo ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abhrahama, no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubabhubhisa, futhi akabalahlanga ebusweni bakhe.
24UHazayeli, inkosi yase-Aramu, wafa; uBheni Hadadi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe. 25UJehowashi, indodana kaJehowahazi, wamephuca uBheni Hadadi, indodana kaHazayeli, leyo mizi ayekade eyidle empini kusabusa uyise, uJehowahazi. UJowashi wamehlula kwaze kwaba kathathu, wayibuyisa imizi yakwa-Israyeli.