2 KwabaseKhorinte 9
Ngokunikela Nangesibusiso Esivela Ngokunikela
1Mayelana nokukhonza abangcwele, akuswelekile ukuba nginilobele, 2ngokuba ngiyayazi intshisekelo yenu engihlala nginitusa ngayo kwabaseMakhedoniya, ukuthi abase-Akhaya bazilungiselele kusukela nyakenye ukunikela, nokuthi ugqozi lwenu lugqugquzele abaningi. 3Kepha ngithume abazalwane ukuba ukuzincoma kwethu ngani kungaphenduki kube yize maqondana nalokhu, ukuze, njengalokhu bengisho, nibe senizilungisele, 4funa uma sengifika nabaseMakhedoniya banifumane ningazilungiselele, bese siyaphoxeka singasakwazi ukunitusa ngalo msebenzi. 5Ngakho ngikubona kudingeka ukuba ngibagqugquzele abazalwane ukuba bahambe beze kini kuqala, ukuze balungisele kuqala lesi sipho nesibusisekile kangaka esethenjiswa sona phambilini, ukuze sihlale silungisiwe, sibe yisibusiso, singabi njengesokuncishana.
6Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu. 7Ngakho-ke yilowo nalowo makanikele njengalokhu enqumile enhliziyweni, kungabi ngokudabuka noma ngokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikela ethokoza. 8UNkulunkulu unamandla okuninika umusa wonke uchichime, ukuze nithi ninokwaneleyo ngezikhathi zonke, nichichime emisebenzini yonke emihle. 9Njengokuba kulotshiwe ukuthi:
“Uyahlaphaza, aphe abampofu,
ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade.”
10Kepha lowo onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa, uyakuninika ngokuphindiwe inhlwanyelo yenu, aphinde andise isivuno sokulunga kwenu, 11ukuze nithi nicetshisiwe kokuningi nibe ngabaphanayo, okuyakuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu.
12Ngokuba ukukhonza ngale nkonzo, akuqedi nje ukweswela kwabangcwele, kodwa kwenza ukuba kuvame ukubonga uNkulunkulu kwabaningi. 13Ngokuvivinyeka kwale nkonzo, abantu badumisa uNkulunkulu ngenxa yokulalela, nangokuvuma kwenu ivangeli likaKhristu, nangenxa yokuphana kubo, nakubo bonke abanye, 14benilangazelela; bayanikhulekela ngenxa yomusa kaNkulunkulu okini omkhulu kakhulu. 15Makabongwe uNkulunkulu ngenxa yesipho sakhe esingachazekiyo.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.