1 KuThimothewu 2
Imithetho Yenkonzo Yebandla
1Ngakho-ke okokuqala nje, ngigqugquzela ukuba ukunxusa, ukukhuleka, ukucela nokubonga kwenzelwe abantu bonke; 2amakhosi nazo zonke iziphathimandla, ukuze sihlale kahle ngokuthula, ngokwesaba uNkulunkulu, nangakho konke ukuhlonipheka. 3Lokhu kuhle, futhi kwamukelekile emehlweni kaNkulunkulu uMsindisi wethu, 4othanda ukuba bonke abantu basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso. 5Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, ngumuntu uKhristu uJesu, 6owazinikela ukuba abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi besikhathi esifaneleyo. 7Ngamiselwa mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli walokho; ngikhuluma iqiniso, angisengi ezimithiyo; yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.
8Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamise izandla ezingcwele, engenalulaka nakuphikisana.
Okuqondene Nabesifazane Ebandleni
9Kanjalo-ke nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bahlobe ngokuhlakanipha nokuqonda, kungabi ngezinwele ezelukiweyo, ngegolide, ngamapharele noma ngezembatho ezibizayo. 10Kepha okufanele abesifazane abathi bayamesaba uNkulunkulu, ukuba bahlobe ngemisebenzi emihle.
11Owesifazane makafunde ukuthula nokuthobeka konke. 12Angimvumeli owesifazane ukuba afundise, noma abe negunya phezu kwendoda, kodwa makathule. 13Ngokuba u-Adamu wabunjwa kuqala, kwase kulandela u-Eva, 14futhi u-Adamu akakhohliswanga, kodwa owesifazane okwathi esekhohlisiwe, waphambuka. 15Kepha uyakusindiswa ngokuzala abantwana, uma behlala ekukholweni, othandweni, nasebungcweleni, futhi bezithoba.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.