Ukuphathana Kwabaganeneyo
1Kanjalo bafazi, thobelani amadoda enu ukuze kuthi uma kukhona amadoda angalilaleli izwi, azuzeke ngenxa yokuziphatha kahle kwabafazi bawo, ngaphandle kwezwi; 2kepha ngokubona inkambo yenu emsulwa, esekwesabeni. 3Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle, okokwaluka izinwele, okokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo ezikhangayo, 4kepha makube ngumuntu osekusithekeni enhliziyweni, ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu. 5Ngokuba babekade bezihlobisa kanjalo abesifazane abakholwayo, labo abethemba uNkulunkulu, futhi bewathobela amadoda abo, 6njengoSara owamlalela u-Abhrahama embiza ngokuthi inkosi. Nina-ke ningabantwana bakhe uma nje nenza okuhle, ningesabi lutho okwesabisayo. 7Kanjalo nani madoda, hlalani nabafazi benu niqonda ukuthi owesifazane unjengesitsha esibuthakathaka; nibanike inhlonipho, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.
Ukubekezela Ezinhluphekweni
8Okokugcina yibani nhliziyonye nonke, nizwelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka. 9Ningaphindisi okubi ngokubi, inhlamba ngenhlamba; kepha busisani, ngokuba nabizelwa lokho, ukuba nidle ifa lokubusiswa. 10Umbhalo uthi:
“Lowo othanda ukuphila
nokubona izinsuku ezinhle
makanqande ulimi lwakhe kokubi,
nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso.
11Akugweme okubi, enze okuhle,
afune ukuthula, akuphokophelele,
12ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo,
izindlebe zayo ziyayizwa imikhuleko yabo,
kodwa ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi.”
13Pho ngubani onganilimaza uma nishisekela ukwenza okuhle na? 14Kepha uma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiswe. Ningakwesabi ukwesabisa kwabo, futhi ningakhathazeki. 15Kodwa mngcweliseni uKhristu njengeNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale nilindele ukubaphendula bonke abanibuza ngethemba eninalo. 16Kepha kube ngobumnene nangokwesaba, ninonembeza omsulwa, ukuze kuthi kulokho abaninyembenya ngakho, bajabhiswe laba abahlambalaza ukuhamba kwenu okuhle kuKhristu. 17Ngokuba kungcono ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma lokho kuyintando kaNkulunkulu, kunokuhlupheka ngokwenza okubi. 18UKhristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono; olungileyo ehluphekela abangalungile, ukuze aniyise kuNkulunkulu; wabulawa emzimbeni, kodwa waphiliswa kuMoya. 19Wahamba wayoshumayeza imiphefumulo eboshiweyo, 20kulabo abangalalelanga lapho uNkulunkulu ebalindele ngokubekezela emihleni kaNowa, umkhumbi usakhiwa, okwasindiswa abayingcosana, abayisishiyagalombili ababekuwo, ngawo amanzi. 21Lawo manzi angumfanekiso wombhabhadiso enisindiswa ngawo manje, okungesikho ukukhuculula insila emzimbeni, kodwa isithembiso kuNkulunkulu esivela kunembeza omsulwa, ngokuvuka kukaJesu Khristu, 22othe esenyukele ezulwini, wahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esebekile phansi kwakhe izingelosi, ababusi neziphathimandla.