1 KaJohane 5
Ukukholwa Namandla Akho Okunqoba
1Yilowo nalowo okholwa wukuthi uJesu unguKhristu, uzelwe nguNkulunkulu. Lowo othanda ozelweyo uthanda nomzeleyo. 2Ngalokho siyazi ukuthi siyabathanda abantwana bakaNkulunkulu, nxa sithanda uNkulunkulu, senza imiyalo yakhe. 3Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba siyigcine imiyalo yakhe, futhi imiyalo yakhe ayinzima. 4Konke okuzelwe nguNkulunkulu kuyalinqoba izwe, lokhu kungukunqoba okunqobe izwe: ukukholwa kwethu. 5Ngubani onqoba izwe uma kungesiye lowo okholwa ukuthi uJesu uyiNdodana kaNkulunkulu na?
Ubufakazi NgoJesu
6UJesu weza ngamanzi wabhabhadiswa, akubanga ngamanzi qha, kodwa kwaba nangegazi lakhe, lokhu noMoya oNgcwele uyafakaza ngalokho, ngokuba unguMoya weqiniso. 7Ngokuba bathathu ofakazi: 8uMoya, amanzi negazi. Bobathathu bavumelana ngento eyodwa. 9Uma sibemukela ubufakazi babantu, ubufakazi bukaNkulunkulu bukhulu kunalobo, ngokuba ubufakazi bukaNkulunkulu buyilobu abufakazile ngeNdodana yakhe. 10Okholwa yiNdodana kaNkulunkulu unobufakazi ngaphakathi kuye. Ongakholwayo, umenze umqambimanga uNkulunkulu, ngokuba engakholwanga ngubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngeNdodana yakhe. 11Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe. 12Onayo iNdodana unokuphila; ongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila.
13Nginilobele lokho ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade, nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu. 14Yilesi isibindi esinaso kuye sokuthi uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. 15Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.
16Uma umuntu ebona umzalwane wakhe enza isono okungeyiso esibhubhisayo, lo ombonileyo makamcelele kuNkulunkulu ukuphila lokhu akunika labo abasuke benze isono okungesona esibhubhisayo. 17Konke ukungalungi kuyisono, kodwa kukhona isono esingesiso esokufa.
18Siyazi ukuthi yilowo nalowo ozelwe nguNkulunkulu akoni, ngokuba ozelwe nguNkulunkulu uyazigcina, nomubi akamthinti. 19Siyazazi ukuthi thina singabakaNkulunkulu, nokuthi umhlaba wonke ubuswa ngamandla obubi. 20Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.
21Bantwanyana, dedani ezithombeni ezibaziweyo.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.