Inkululeko Nelungelo LikaPawula
1Angikhululekile yini na? Angisiye yini umphostoli na? Angimbonanga yini uJesu iNkosi yethu na? Anisiwo yini nina umsebenzi wami eNkosini na? 2Uma kwabanye ngingesiye umphostoli, kodwa kini nginguye, ngokuba nina niluphawu lobuphostoli bami eNkosini.
3Yiyona-ke le impendulo yami kulabo abangibuzayo. 4Asinalo yini ilungelo lokudla nokuphuza na? 5Asinalo yini ilungelo lokuhamba nomzalwanekazi ongumkethu njengabanye abaphostoli, abafowabo beNkosi, noKhefase na? 6Kanti yimi noBharnabha kuphela yini esingenalo ilungelo lokuyeka ukusebenza na?
7Ngubani oke aye empini ngezakhe izindleko na? Ngubani otshala isivini, angadli isithelo saso na? Ngubani owalusa umhlambi, angaludli ubisi lomhlambi na? 8Ngabe ngikusho lokho ngokubona kwabantu na? Umthetho nawo kawusho yini kanjalo na? 9Ngokuba kulotshiwe emthethweni kaMose, ukuthi: “Ungayifaki inkabi isimfonyo, uma ibhula okusanhlamvu.”
Ngabe uNkulunkulu ukhathalela izinkabi yini na? 10Akakusho yini ngenxa yethu na? Yebo, kwalotshwa ngenxa yethu, ngokuba olimayo kumele alime enethemba, nobhulayo abhule okusanhlamvu enethemba lokwabelwa naye. 11Uma thina sihlwanyele kini okomoya, ngabe sekuyinto enkulu yini uma sivuna kini izinto eziphathekayo na? 12Uma abanye benaleli lungelo kini, pho thina asinalo yini eledlula elabo na? Nokho asilisebenzisanga leli gunya, kepha sibekezele ngakho konke, ukuze singalithiyi ivangeli likaKhristu. 13Anazi yini ukuthi abaphethe imisebenzi yethempeli badla okwethempeli, nokuthi abakhonza e-althare bathola khona isabelo sabo na? 14Kanjalo iNkosi imisile ukuba labo abashumayela ivangeli, baphile ngevangeli.
15Kepha mina angizange ngisebenzise nakunye kwalezo zinto, futhi angilobi lokhu ukuze kwenziwe kanjalo kimi, ngokuba kungcono kimi ukufa kunokuba umuntu akwenze ize ukuzigqaja kwami. 16Ngokuba uma ngishumayela ivangeli, lokho akuyona into engingazikhukhumeza ngayo, ngokuba ngimele ukuba ngenze kanjalo. Maye, kimina uma ngingalishumayeli ivangeli! 17Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuthanda kwami, nginomvuzo, kodwa uma kungesikho ukuthanda kwami, khona kungumsebenzi engiwuphathisiweyo. 18Pho uyini-ke umvuzo wami na? Ungukuthi uma ngishumayela ivangeli, ngenze ivangeli lingabizi lutho ukuze ngingalisebenzisi ilungelo lami enginalo evangelini.
UPawula Uyisigqila Sabo Bonke
19Ngokuba nakuba ngikhululekile kubo bonke, kodwa ngazenza isigqila sabo bonke, ukuze ngizuze abaningi. 20KubaJuda ngaba njengomJuda, ukuze ngizuze abaJuda. Kwabaphansi komthetho ngaba njengophansi komthetho nakuba mina ngingephansi komthetho, ukuze ngizuze abaphansi komthetho. 21Kwabangenamthetho ngaba njengongenamthetho, noma ngingesiye ongenamthetho kuNkulunkulu, kodwa ngiphansi komthetho kaKhristu, ukuze ngizuze abangenamthetho. 22Kwababuthakathaka ngaba buthakathaka, ukuze ngizuze ababuthakathaka. Sengaba yikho konke kubo bonke, ukuze ngakho konke ngisindise abanye. 23Ngikwenza konke ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe ngumhlanganyeli kulo.
Isigijimi Senkolo
24Anazi yini ukuthi abagijimayo bencintisana, bagijima bonke, kodwa munye othola umklomelo na? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole. 25Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo bakwenza lokho ukuze bathole umqhele ophelayo, kodwa thina ukuba sithole umqhele ongapheliyo. 26Ngakho-ke mina ngiyagijima, kungekhona ukuthi kangiqondi; ngiyagadla, kungekhona ukuthi ngishaya umoya. 27Ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina luqobo, kuthiwe angifanele.