Ukunikelelwa Kwamakholwa
1Maqondana nomnikelo oqoqelwa abangcwele, njengalokhu ngawayala amabandla aseGalathiya, nani-ke yenzani kanjalo. 2Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekele, aqongelele azakunikela ngakho njengokuphumelela kwakhe, ukuze kuthi lapho ngifika, kungabi yima kuqalwa kuqoqwa umnikelo. 3Kuyakuthi ekufikeni kwami, ngithumele eJerusalema labo enibaqokileyo, bephethe izincwadi, baziyise izipho zenu zothando. 4Uma nami kufanele ukuba ngihambe, ngiyakuhamba nabo.
Uhlelo Lohambo LukaPawula
5Ngiyakuza kini uma sengedlulile eMakhedoniya, ngokuba ngiyakudlula khona eMakhedoniya. 6Mhlawumbe kungenzeka ngihlale nani isikhathi esithile, noma kuze kwedlule ubusika, ukuze ningiqhube ohambeni lwami noma kuphi lapho ngiya khona. 7Ngokuba manje angithandi ukunibona ngedlula, lokhu ngithemba ukuthi ngizakuhlala nani isikhathi, uma iNkosi ivuma. 8Kepha ngizakuhlala e-Efesu, kuze kufike umkhosi wePhentekhoste, 9ngokuba ngivulelwe umnyango omkhulu wethuba lokusebenza; nakuba bebaningi abamelene nami.
10Uma uThimothewu efika lapho, anoqikelela ukuba ahlale nani engenalo uvalo, ngokuba naye usebenza umsebenzi weNkosi njengami, 11ngakho-ke makungabi bikho omedelelayo. Uma esehamba anomkhapha ngokuthula endleleni, ngokuba ngimlindele yena nabazalwane.
12Maqondana nomzalwane u-Apholo, ngamncenga kakhulu ukuba eze kini nabazalwane, kodwa kwakungesiyo intando yakhe ukuba eze manje. Kepha uyakuza kini uma esethole ithuba.
Isicelo SikaPawula
13Lindani, nime niqinile ekukholweni, nime isibindi, nibe namandla. 14Konke enikwenzayo, kwenzeni ngothando.
15Ngiyanincenga manje bazalwane, niyazi ukuthi indlu kaStefana iwulibo lokuqala lwase-Akhaya, nokuthi bazinikela ukuba basize abangcwele, 16ukuba nibathobele abanjalo nabo bonke abasebenzisana nabo bezikhandla. 17Ngiyathokoza ngokufika kukaStefana, uFortunatu no-Akhayiku, lokhu basivalile isikhala sokungabi bikho kwenu lapha. 18Ngokuba bawuvuselele umoya wami nowenu, ngakho-ke basizeni abantu abanjalo.
Isiphetho
19Ayakhonza kini amabandla ase-Asiya. U-Akhwila, uPhriska kanye nebandla elisendlini yabo, bayakhonza kakhulu kini eNkosini. 20Bonke abazalwane bayakhonza kini. Bingelelanani ngokwangana okungcwele.
21Nanku umkhonzo wami, mina Pawula, engiwuloba ngesandla sami.
22Uma umuntu engayithandi iNkosi, makabe ngoqalekisiweyo. Woza, Nkosi yethu!
23Umusa weNkosi uJesu mawube nani.
24Uthando lwami malube nani nonke kuKhristu uJesu.