Okhokho Nezizukulwane
1U-Adamu, uSethi, u-Enoshe, 2uKhenani, uMahalalele, uJarede, 3u-Enokhi, uMethushela, uLameka, 4uNowa, uShemi, uHamu, noJafethi.
5Amadodana kaJafethi: nguGomere, uMagoge, uMadayi, uJavani, uThubhali, uMesheke noTirase. 6Amadodana kaGomere: ngu-Ashikhenaze, uDifathe noThogarma. 7Amadodana kaJavani: ngu-Elisha, uTharishishi, uKhithimi noRodanimi.
8Amadodana kaHamu: nguKhushe, uMizirayimi, uPhuthi noKhanani. 9Amadodana kaKhushe: nguZebha, uHavila, uSabhitha, uRama noSabhitheka. Amadodana kaRama: nguSheba noDedani. 10UKhushe wazala uNimrode; yena waqala ukuba ngonamandla emhlabeni. 11UMizirayimi wazala amaLudi, ama-Anami, amaLehabhi, amaNafethuhi, 12amaPhathrusi, amaKhasuluhi, lapho kwavela khona amaFilisti, namaKhafithori.
13UKhanani wazibula ngoSidoni, kwalandela uHethi, 14amaJebusi, ama-Amori, amaGirigashi, 15amaHivi, ama-Arikhi, amaSini, 16ama-Arivadi, amaSemari, namaHamathi.
17Amadodana kaShemi: ngu-Elamu, u-Ashuri, u-Ariphakishade, uLude, u-Aramu, u-Uze, uHule, uGetheri noMeshekhe. 18U-Ariphakishade wazala uShela; uShela wazala u-Ebhere. 19U-Ebhere wazala amadodana amabili: igama lenye kwakunguPhelege, ngokuba emihleni yayo izwe ladatshulwa. Igama lomfowabo kwakunguJokothane. 20UJokhothane wazala u-Alimodade, uShelefe, uHasaramavethe, uJera, 21uHadoramu, u-Uzali, uDikila, 22u-Ebhali, u-Abhimayele, uShebha, 23u-Ofiri, uHavila, uJobhabhi; bonke laba babengamadodana kaJokothane; 24uShemi, u-Ariphakishade, uShela, 25u-Ebhere, uPhelege, uRehu, 26uZerugi, uNahori, uThera, 27u-Abhrama ongu-Abhrahama. 28Amadodana ka-Abhrahama: u-Isaka no-Ishmayeli.
29Lezi yizizukulwane zabo: izibulo lika-Ishmayeli uNebhayothi, uKhedari, u-Adibheli, uMibhishamu, 30uMishima, uDuma, uMasa, uHadadi, uThema, 31uJethuru, uNafishi, noKhedema. Laba babengamadodana ka-Ishmayeli.
32Amadodana kaKhethura, isancinza sika-Abhrahama: uZimrani, uJokishani, uMedani, uMidiyani, u-Ishibhaki, uShuwa. Amadodana kaJokishani: uSheba noDedani. 33Amadodana kaMidiyani: u-Efa, u-Eferi, uHanokhi, u-Abhida, u-Elidaha. Bonke laba babengamadodana kaKhethura.
34U-Abhrahama wazala u-Isaka. Amadodana ka-Isaka: u-Esawu no-Israyeli.
35Amadodana ka-Esawu: u-Elifazi, uRehuweli, uJewushe, uJalamu, noKora. 36Amadodana ka-Elifazi: uThemani, u-Omari, uZefi, uGathamu, uKenazi, uThimna no-Amaleki. 37Amadodana kaRehuweli: uNahathi, uZera, uShama noMiza.
38Amadodana kaSeyiri: uLothani, uShobhali, uZibheyoni, u-Ana, uDishoni, u-Ezeri noDishani. 39Amadodana kaLothani: uHori, noHomamu; udadewabo kaLothani kwakunguThimna. 40Amadodana kaShobhali: u-Aliyani, uManahathi, u-Ebhali, uShefi no-Onamu. Amadodana kaZibheyoni: u-Aya, no-Ana. 41Indodana ka-Ana: uDishoni. Amadodana kaDishoni: uHamrani, u-Eshibhani, uJithrani noKherani. 42Amadodana ka-Ezeri: uBhilihani, uZahawana noJahakhani. Amadodana kaDishani: u-Uze no-Arana.
Amakhosi Akwa-Edomi
43Lawa ngamakhosi abusa kwa-Edomi, kungakabi bikho nkosi eyayibusa abantu bakwa-Israyeli: uBhela, indodana kaBheyori. Igama lomuzi wakhe kwakuseDinihaba. 44UBhela wakhothama; kwabekwa uJobhabhi, indodana kaZera waseBhozira, esikhundleni sakhe. 45UJobhabhi wakhothama; uHushamu wakwaThemani wabusa esikhundleni sakhe. 46UHushamu wakhothama; esikhundleni sakhe kwabusa uHadadi, indodana kaBhedadi, owanqoba abakwaMidiyani esifundeni kwaMowabi. Igama lomuzi wakhe kwakuyi-Avithi. 47UHadadi wakhothama; kwabusa uSamla waseMazireka, esikhundleni sakhe. 48USamla wakhothama, kwabusa uShawule waseRehobhothi ngasemfuleni, esikhundleni sakhe. 49UShawule wakhothama; kwabusa uBali Hanani, indodana ka-Akhibhori, esikhundleni sakhe. 50UBhali Hanani wakhothama; kwabusa uHadadi, esikhundleni sakhe. Igama lomuzi wakhe kwakuyiPhayi. Igama lomkakhe kunguMehethabheli, indodakazi kaMathiredi, indodakazi kaMezahabhi. 51UHadadi naye wafa. Nanka amagama ezikhulu zakwa-Edomi: uThimna, u-Aliya, uJethethi, 52u-Oholibhama, u-Ela, uPhinoni, 53uKhenazi, uThemani, uMibhizari, 54uMagidiyeli no-Iramu. Yilezo-ke izikhulu zakwa-Edomi.