1KWA ti ngomnyaka wesine kaDariusi inkosi, la ba kona izwi lika Jehova kuZekaria ngosuku lwesine lwenyanga yesishiyagalolunye i ti uKisleu.
2Lapo wa tuma endhlini kaTixo uSherezeri, no-Regem-meleki, nabantu bake, ukuncenga pambi kuka Jehova,
3Ukukuluma kubo abateteleli aba sendhlini ka Jehova wamabandhla, na kubazisi ukuti, Nga ngi lila ngenyanga yesihlanu, ngi zahlukanisele njengaloku e ngi kwenzileyo leminyaka engaka ini na?
4Lapo la ba kona izwi lika Jehova wamabandhla kimi, li ti,
5Kuluma kubo abantu bonke bezwe, nabateteleli, u ti, Lapo na zila ukudhla na lila ngenyanga yesihlanu neyesikombisa leminyaka e ngamashumi a isikombisa, na zila ngokuzila kimi na?
6Na lapo na dhla, na lapo na puza, kwa ku nge nina e na dhla na puza na?
7A ngi ti nga we zwa amazwi uJehova a wa memezayo ngabazisi bokuqala lapo iJerusalema la li nabantu li nenhlanhla nemizi yalo ehaqileyo, lapo ba be hlezi eningizimu, na setafeni na?
8Kwa ti kwa ba kona izwi kuZekaria, li ti,
9Njalo u tyo uJehova wamabandhla, ukuti, Yahlulani ukulunga okuqinisileyo, nenze umsa nomhau ilomuntu kanye nomfo wabo.
10Ni nga hlupi umfelokazi, nenkedama, nomfo, nompofu; ma ni nga cabangi okubi ezinhliziyweni zenu umuntu nomfo wabo.
11Kanti ba nqaba ukulalela, ba nikezela ihlombe elihlubukayo, ba vimba izindhlebe zabo, ukuba ba ngezwa.
12Ba beka izinhliziyo zabo zi be itye leshamiri, ukuba ba nga wu zwa umteto, namazwi uJehova wamabandhla u be u tumile umoya wake ngabazisi bokuqala, ngako lwa ba kona ulaka olukulu lu vele kuJehova wamabandhla.
13Ngako ku kona njengaloku yena wa kala, a bezwanga bona; njalo bona ba kalile, a ngi zwanga, mina, u tyo uJehova wamabandhla.
14Kanti nga ba hlakaza ngesivunguvungu pakati kwezizwe zonke a ba ngazaziyo. Njalo izwe li be li citekile emva kwabo, li nga bi nodabulayo nobuyelayo; ngokuba ba lenza izwe elitandiweyo li be elicitekileyo.