1UPAULE, inceku ka Tixo, umpostoli ka Jesu Kristu, ngokukolwa kwabaketiweyo, na ngokwazisisa iqiniso eli ya ngokulunga;
2Ngokwetemba ukupila okupakade, a kwetembisayo uTixo, o nge tyo amanga, izwe li nga ka bi ko,
3Ngesikati sake wa li veza izwi lake, ngokushunyayelwa kwalo, enga ku tenjiswayo, ngokutyo komSindisi wetu uTixo;
4KuTitusi, umntanami isibili ngokukolwa esi nako sonke a ku be umusa, nobubele, nokutula, oku vela kuTixo uYise, na kuyo iNkosi uJesu Kristu, umSindisi wetu.
5Ngaloku nga ku shiya eKrete, ukuba u hlele okuseleyo, u mise amalunga emizini yonke, njengenga ku yala ngako;
6Uma ku kona umuntu o nga solekiyo, indoda yomfazi munye, e nabantwana abakolwayo, aba nge nakusolwa ngokushinga, be nga sibo aba ngezwayo.
7Ngokuba ku m fanele umbonisi a be o nge nansolo, njengesikonzi sika Tixo; o nga zikulisiyo, o nge nalulaka, o nga bi isidakwa, o nga bi uhlanya, o nga fisi imfuyo embi;
8O pata kahle owasemzini o tanda okuhle, oqondayo, olungileyo, ongcwele, ozikuzayo;
9E bambisisa izwi leqiniso njengokufundiswa kwake, a ze a be namandhla okululeka nokwahlula abapikayo nokufundisa oku isiminya.
10Ngokuba be baningi aba ngezwayo, aba kuluma ize, naba kohlisayo, kakulu abokusoka;
11Imilomo yabo nga i vinjwa; ba cita izindhlu, zi ze zi pele, be fundisa oku nga fanele, ba fuye imfuyo embi.
12Omunye kubo, umprofeti wa kwabo, wa ti, Aba seKrete ba ngaba qamba amanga, izilo ezibi, iziminzi ezivilapayo.
13Lokukutyo ku qinisile. Nga loku wo ba sola kakulu, ba ze ba qonde ekukolweni,
14Ba nga laleli izinganekwane zabaJuda, nemiteto yabantu abahlubukayo eqinisweni.
15Kwabamhlope ku mhlope konke; kepa kwabangcolileyo nabangakolwayo a ku konto emhlope; ku ngcolile nokuzindhla kwabo nezinhliziyo zabo.
16Ba ti ba ya m azi uTixo, kodwa ba m pika ngemisebenzi yabo, be babi, aba nga laleliyo, a ba sizi luto emisebenzini yonke elungileyo.