1SI ye ngapi isitandwa sako, wena omuhle pakati kwezifazana? Si nyamalalele ngapi isitandwa sako? ukuba si si fune kanye nawe.
2Umtandwa wami wehlele ensimini yake, emadulini amaka, ukuba a dhle emasimini a bute intebe.
3Ngi ngo wesitandwa sami, nesitandwa sami si ngesami: si dhla pakati kwentebe.
4U muhle, sihlobokazi sami, njengeTiza, u fanelekile njengeJerusalema, u ye sabeka njengempi i pete iziboniso.
5Guqula amehlo ako u wa suse kimi, ngokuba a se ngi nqobile; izinwele zako zi njengomhlambi wezimbuzi o bonakala u seGiladi.
6Amazinyo ako a njengomhlambi wezimvu ezi kupuka ekugezeni oku ti zonke ngazinye zi zala amawele, oku ngeko na inye pakati kwazo e inyumba.
7Izinhlafuno zako zi njengocezu lwerimoni ngapansi kwesihlutu sako.
8Ku kona amakosikazi a mashumi a isitupa, nabafazi aba mashumi a shiyagalombili, nezintombi ezi nge nakubalwa.
9Ihobekazi lami, ongcwele wami u yedwa; u ngo yedwa kunina, u ngo ketiweyo wake owa m zalayo. Amadodakazi a m bona, a m bonga; ebe, namakosikazi nabafazi, ba m dumisa.
10Ubani yena lo okanyayo njengokusa, omuhle njengenyanga o qamileyo njengelanga, nowesabekayo njengempi i pete iziboniso na?
11Ngehlela ensimini yezitelo ukubona izitelo zesigodi, nokubona ukuba ivini li ya kahlela njena, namarimoni a ya qakaza njena.
12Ngi nga kazi luto umpefumulo wami wa ngenza njengezinqola zika Aminadibi.
13Buya, buya, Shulamiti; buya buya, ukuba si ku buke. Ni ya ku bonani kuShulamiti? Oku ngati isixuku sezimpi ezimbili.