1NJALO a u nakupendula, wena muntundini, ozindhlekelayo; nga loku o zindhlekela umuntu, u ya zilahla wena ngako, ngokuba nawe u ya kwenza loku o zindhlekela ngako.
2Si yazi ukwahlula kuka Tixo ku iqiniso kwabenza okunjalo.
3Po, u cabanga loku ini, wena muntundini o ba zindhlekelayo abenza okunjalo, wenza kona nawe, u ti wena u ya kupepa ukulahla kuka Tixo na?
4U ya dela ini umcebo womusa wake nenyewe, nokubekezela, a wazi ini ukuti, umusa ka Tixo u ku holela ekupendukeni?
5Kepa ngobulukuni bako, nenhliziyo engapendukiyo, u ya zibekela ulaka ngosuku lolaka nolokwambula ukwahlula okulungileyo kuka Tixo;
6O ya kunika ilowo okwemisebenzi yake:
7Labo aba funa ukukazimula, nodumo, nokuma pakade, ngokubekezela emisebenzini olungileyo, wo ba nika ukupila okupakade:
8Labo aba pika inkani, be nga laleli iqiniso, ba lalela ukona, wo ba nika ulaka nokutukutela;
9Abantu bonke abenza okubi bo nikwa ukuhlupeka nosizi, abaJuda kuqala namaGreki;
10Kepa bonke abenza okulungileyo bo nikwa ukukazimula, nodumo, nokutula, abaJuda kuqala namaGreki;
11Ngokuba uTixo ka keti muntu.
12Labo abonileyo be nge namteto, ba ya kububa be nge namteto; kepa labo abonileyo emtetweni, ba ya kulahlwa ngomteto.
13Abezwayo umteto a sibo abalungileyo pambi kuka Tixo; kepa abawenzayo umteto ibona aba ya kutetelelwa.
14Nxa abezizwe aba nge namteto, benza ngemvelo yabo okomteto, labo, loku be nge namteto, ba ngumteto wabo ngokwabo.
15Ba ya bonakalisa imisebenzi yomteto o lotyiweyo ezinhliziyweni zabo, uvalo lwabo lu ngufakazi nalo, nezizindhlo zabo zi ba sole, mhlaumbe zi ba vumele;
16Ngosuku uTixo a za kwahlula ngalo okutihliweyo kwabantu ngoJesu Kristu ngokwevangeli lami
17Kepa, loku wena u tiwa umJuda, wetemba umteto, u zibonga ngenxa ka Tixo,
18U yazi intando yake, u qonda okuhle, u fundiswe okomteto,
19U ti u umholeli wezimpumpute, u ukukanya kwaba sebumnyameni,
20Umluleki wabangafundile, umfundisi wezingane, u nokuma kokwazi neqiniso emtetweni;
21Nxa u fundisa omunye, a u zifundisi wena na? u shumayela u ti a ku ngebiwa, u yeba na?
22U ti, a ku nga pingwa, u ya pinga na? u nengwa izitombe, u ya panga oku ingcwele na?
23U zibonga ngomteto, u ya m eisa uTixo ngokudhlula umteto na?
24Igama lika uTixo li ya tukwa abezizwe ngenxa yenu, njengokulotyiweyo.
25Ukusoka ku ya siza, uma wenza okomteto; kepa uma u dhlula umteto, ukusoka kwako ku ukungasoki.
26Njalo, uma ongasokile e gcina imiyalo yomteto, ukungasoki kwake a ku yi kutiwa ukusoka na?
27Ongasokile ngokudabuka kwake, uma e gcina umteto, a ka yi kukulahla wena o dhlula umteto ngegama na ngokusoka na?
28A siye umJuda o nguye ngokubonakalayo; a siko ukusoka oku iko ngokubonakalayo, oku senyameni:
29Kepa lowo u umJuda o nguye ngapakati; ukusoka ku ngokwenhliziyo, ku ngokomoya, ku nge ngokwegama; yena ka bongwa abantu, a bongwa uTixo.