1AKU be ilowo a zihlele pansi kwamakosi amakulu; loku ku nge ko amakosi, a nga miswanga uTixo; amakosi a kona a misiwe uTixo.
2Njalo o melana namakosi, u melana nokumiselwe uTixo; kepa abemelana nawo ba ya kulahlwa.
3Amakosi ka sabeki emisebenzini emihle, a sabeka kwemibi. U ya tanda ukungesabi amakosi na yenza okuhle, kona u ya kubongwa iwo:
4Ngokuba inkosi i isikonzi sika Tixo kuwe, ku be kuhle: Kepa uma wenza okubi, yesaba; ngokuba i nga si patelize isinkemba; i isikonzi sika Tixo, umpindiseli wokwehlisela ulaka kowenza okubi.
5Ngaloku nga ni zihlela pansi kwawo; a ngi tyo ngolaka lodwa, kepa na ngokwenhliziyo.
6Na ngaloku ni ya tela imali; ngokuba be izikonzi zika Tixo, ba kutalela kona loku.
7Ngakoke nikani bonke okufaneleyo; m telele o fanele ukutelelwa; m kokele o fanele ukukokelwa; m hlonipe o fanele ukuhlonitywa; m dumise o fanele ukudunyiswa.
8Ni nga bi nacala la luto kumuntu, ku be elokutandana kupela; ngokuba o tanda omunye u su fezile umteto.
9Ngokuba loku ukuti, U nga pingi, U nga bulali, u ngebi, U nga qiniseli amanga, U nga nxaneli; noma ku kona omunye umteto, konke ku ya hlangana na lelizwi lokuti. Wo tanda owakelene nawe njengokuzitanda kwako.
10Utando a lwenzi okubi kwabakeleneyo; ngakoke utando lu ya feza umteto.
11Yebo, loku sazi isikati, ukuti, se ku isikati sokuba si vuke ebutongweni; ngokuba ukusindiswa kwetu se ku sondele kaloku, ku na ku lesosikati esa qala sa kolwa ngaso.
12Ubusuku se bu dhlula, ku za kusa; a si lahle imisebenzi yobumnyama, si hlome izikali zokukanya.
13Si hambe ngokufaneleyo njengasemini; si nga hambi ngokubensa nokudakwa; si nga hambi ngokuhlobonga nobufebe; si nga hambi ngenkani nomona;
14Kodwa nambate iNkosi uJesu Kristu, ni nga dhlinzekeli izinkanuko zenyama.