1EMVA kwa loku ngezwa, kwangati izwi elikulu lesixuku esikulu ezulwini, si ti, Aleluya; ukunqoba, nobukosi, nodumo, namandhla, ku ngokuka Tixo wetu;
2Ngokuba ukwahlula kwake ku qinisile ku lungile; ngokuba u lahlile isifebe esikulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, u li pindisele igazi lezinceku zake kuso isandhla saso.
3Sa pinda sa ti ngokwesibili, Aleluya, umusi waso wenyuka ku ze ku be pakade.
4Amalunga amashumi amabili nane, nezidalwa ezine, za kotama, za m dumisa uTixo owa e hlala esihlalweni sobukosi, zi ti, Ameni; Aleluya.
5Izwi la puma esihlalweni sobukosi, li ti, Dumisani uTixo wetu nina nonke, zinceku zake nani eni m esabayo, abancane nabakulu.
6Ngezwa, kwangati izwi lesixuku esikulu, li njengezwi lamanzi amaningi, na njengezwi lokuduma okukulu, li ti, Aleluya; ngokuba iNkosi uTixo uSomandhla i ya busa.
7A si jabule, si tokoze, si m bonge; ngokuba umtyado weUndhlu u fikile, umkalo u zilungisele.
8Wa piwa ukuba embate indwangu ika kampokwe, enhle e kazimulayo, ngokuba indwangu ika kampokwe i ngukulunga kwabangcwele.
9I tyo kimi i ti, Loba, u ti, Ba busisiwe abamenyelweyo emtimbeni weUndhlu. I ti kimi, Lawa a ngamazwi a isiminya ka Tixo.
10Nga kotama nga sezinyaweni zayo ukudumisa. Ya ti kimi, Musa ukwenza njalo; ngi inceku kanye nawe, ngi ngowabazalwane bako, aba nokuqinisa kuka Jesu; m dumise uTixo; ngokuba ukuqinisa kuka Jesu ku ngumoya wokuprofeta.
11Nga bona izulu li vulekile; kwa ku kona ihashi elimhlope, naye o kwele pezu kwalo, o tiwa oTembekayo noSiminya; ngokulunga u yahlula, a lwe.
12Amehlo ake a e njengelangabi lomlilo; kwa ku kona ekanda lake imiqele eminingi; wa e negama elilotyiweyo, eli ngaziwa muntu, uyena kupela.
13Wembete ingubo e cwiliswe egazini; igama lake li tiwa, uLizwi ka Tixo.
14Amabuto a sezulwini a m landela, e kwele pezu kwamahashi, amhlope, embete ikampokwe elimhlope, elihle.
15Ku puma emlonyeni wake inkemba ebukali, ukuba a tyaye izizwe ngayo; u ya kuzibusa ngentonga yensimbi; u ya kunyatela isikamo sevini lolaka lwentukutelo ka Tixo uSomandhla.
16U negama li lotyiwe engutyeni yake na setangeni lake, eli ti, iNkosi yamakosi noMbusi wababusi.
17Nga bona ingelosi e mi elangeni; ya memeza ngezwi elikulu, i ti kuzo zonke izinyoni ezindizayo pakati ezulwini, Yizani, ni butane edilini elikulu lika Tixo;
18Ukuba ni dhle inyama yamakosi, nenyama yezinduna, nenyama yaba namandhla, nenyama yamahashi neyaba kwele pezu kwawo, nenyama yabo bonke abakululekileyo naba izigqili, abancane nabakulu.
19Nga bona isilo, namakosi omhlaba, namabuto awo a butene ukulwa naye owa e kwele ehashini namabuto ake.
20Isilo sa banjwa kanye nomprofeti wamanga, owenza imimangaliso pambi kwaso, a bedusa ngayo abamkelayo upau lwesilo; nabadumisayo umfanekiso waso. Labo bobabili ba ponswa be sezwa ecibini lomlilo eli vuta isolufa.
21Abaseleyo ba bulawa ngenkemba ya lowo owa e kwele ehashini, eya puma emlonyeni wake; izinyoni zonke za suta inyama yabo.