1NGA se ngi zwa izwi elikulu li vela etempelini, li ti kuzo izingelosi ezi isikombisa, Hambani, ni ye, ni tulule emhlabeni amagaba a isikombisa olaka luka Tixo.
2Eyokuqala ya ya, ya tulula igaba layo emhlabeni; kwa vela isilonda esibi esinobuhlungu kubantu aba be nopau lwesilo, na kwabadumisayo umfanekiso waso.
3Nengelosi yesibili ya tulula igaba layo elwandhle; lwa penduka igazi, kungati, elofileyo; za fa izilwane zonke za selwandhle.
4Nengelosi yesitatu ya tulula igaba layo emifuleni na semitonjeni yamanzi ya penduka igazi.
5Ngezwa ingelosi yamanzi i ti, U lungile wena, Nkosi, o kona, owa e kona, o ingcwele, ngokuba wabele loku.
6Ngokuba ba palazile igazi labangcwele, nelabaprofeti; u ba nikile igazi ukuba ba li puze; ba fanele loku.
7Ngezwa izwi li vela elatini, li ti, Yebo, Nkosi Tixo Somandhla, ku qinisile ku lungile ukwahlula kwako.
8Neyesine ya tulula igaba layo elangeni; la piwa amandhla okutyisa abantu ngomlilo.
9Abantu ba tyiswa ngokubalela okukulu, ba li tela inhlamba igama lika Tixo, o namandhla pezu kwa lezizinhlupo; a ba pendukanga ukuba ba m dumise.
10Neyesihlanu ya tulula igaba layo esihlalweni sesilo; umbuso waso wa ba mnyama; ba luma izilimi zabo ngobuhlungu,
11Ba m tela inhlamba uTixo wezulu ngobuhlungu babo, na ngezilonda zabo; kepa a ba pendukanga emisebenzini yabo.
12Neyesitupa ya tulula igaba layo kuwo umfula omkulu iUfrate; kwa tya amanzi awo, ukuba i lungiswe indhlela yamakosi a sempumalanga.
13Nga bona omoya abatatu ababi, kwangati izingxangxa, be puma emlonyeni ka drako, na semlonyeni wesilo, na semlonyeni womprofeti wamanga.
14Ngokuba be ngomoya bamademone abenzayo imimangaliso, be ya emakosini omhlaba wonke, ukuba ba wa butele ekulweni kwa lomhla omkulu ka Tixo uSomandhla.
15Bheka, ngi yeza njengesela. U busisiwe yena olindayo, a zi gcine izingubo zake, ukuba a nga hambize, ba bone ihlazo lake.
16Ba wa butela ku leyondawo e tiwa uArmagedoni ngokwamaHeberu.
17Neyesikombisa ya tulula igaba layo emoyeni; kwa vela izwi elikulu etempelini lezulu, esihlalweni sobukosi, li ti, ku pelile.
18Kwa ku kona unyazi, nokuhlokoma nokuduma; kwa ku nokuzamazama komhlaba okukulu, oku nga zanga ku be kona okunjalo iloku abantu ba fika emhlabeni ukuzamazama okunje, okungaka.
19Umuzi omkulu wa dabuka katatu, imizi yezizwe ya wa; iBabulona elikulu la kunjulwa pambi kuka Tixo, ukuba a li nike isitya sewaini lolaka lwake oluvutayo.
20Iziqingi zonke za baleka nezintaba a zi funyaniswanga.
21Sehla ezulwini isicoto esikulu, sehlela pezu kwabantu amatye aso e ngangetalenta; abantu ba m tela inhlamba uTixo ngenxa yenhlupo yesicoto; ngokuba inhlupo yaso ya inkulu kakulu.