1NGA se ngi ma esihlabatini solwandhle; nga bona isilo senyuka elwandhle, si nezimpondo ezi ishumi, namakanda a isikombisa; i sezimpondweni zaso imiqele e ishumi, e semakanda aso amagama enhlamba.
2Isilo e nga si bonayo sa fana nengwe, izinyawo zaso za zi njengezearko, umlomo waso wa u njengomlomo wengonyama; udrako wa si nika amandhla ake, nesihlalo sake, namandhla amakulu.
3Nga li bona ikanda laso la linye, kungati li bulewe li file; kepa inxeba laso lokufa la poliswa; izwe lonke la qolozela emva kwesilo.
4Ba dumisa udrako loku wa nika isilo amandhla; ba dumisa nesilo, ba ti, Ubani o fana nesilo? ubani o namandhla okulwa naso na?
5Sa piwa umlomo u shumayela okukulu, nenhlamba; sa piwa amandhla okuba enze izinyanga ezimashumi amane nambili.
6Sa vula umlomo waso ukutuka uTixo, ukuba si tuke igama lake, notente wake, nabo aba hlala ezulwini.
7Sa piwa ukulwa nabangcwele, nokubanqoba; sa piwa amandhla pezu kwemindeni yonke, nabantu, nezilimi nezizwe.
8Ba ya kusidumisa bonke aba hlala emhlabeni, aba magama abo a nga lotyiwe encwadini yokupila yeUndhlu elihlatyiweyo iloku kwa dabuka umhlaba.
9Uma umuntu e nendhlebe a kezwe.
10Uma umuntu e tumba abantu, u ya kutunjwa; uma umuntu e bulala ngenkemba, nga e bulawa ngenkemba naye, Naku ukubekezela nokwetemba kwabangcwele.
11Nga bona esinye isilo si kupuka emhlabeni; sa si nezimpondo ezimbili njengeundhlu, sa kuluma njengodrako.
12Si nawo amandhla onke esilo sokuqala ebusweni baso, senza izwe, naba hlala kulo ukuba ba dumise isilo sokuqala, esinxeba laso lokufa la poliswa,
13Senza iziboniso ezikulu, senza ku suke umlilo ezulwini wehlele emhlabeni ebusweni babantu;
14Si bedusa abahlala emhlabeni ngeziboniso, esa piwa ukuzenza pambi kwesilo, si ti kwaba hlala emhlabeni ma ba wenze umfanekiso wesilo, esi be nenxeba, sa buya sa pila.
15Sa piwa amandhla okunika umfanekiso wesilo umoya, ukuba umfanekiso wesilo u kulume, wenze ukuba ba bulawe bonke aba nga kuleki kuwo umfanekiso wesilo.
16Senza ukuba bonke, abancane nabakulu, nabacebileyo nabampofu, nabakululekileyo, nabakonzayo, ukuba si ba nike upau esandhleni sokunene sabo; nokuba emabunzini abo;
17Nokuba a nga bi namandhla namunye muntu ukutenga nokutengisa, kupela ilowo o nopau, nokuba igama lesilo, nokuba isibalo segama laso.
18Naku kuqonda. Yena o nokwazi a ka lande isibalo sesilo; ngokuba si isibalo somuntu; isibalo saso si ngamakulu a isitupa namashumi a isitupa nesitupa.