IZIHLABELELO 96
1MA ni hlabelele kuJehova igama elitya; hlabelelani kuJehova mhlaba wonke.
2Hlabelelani kuJehova ni bonge igama lake; ni shumayele ukusindisa kwake imihla ngemihla;
3Tyelani udumo lwake ezizweni; nemimangaliso yake pakati kwezizwe zonke.
4Ngokuba uJehova mkulu, u fanele ukudunyiswa kakulu; yena u yesabeka ngapezu kotixo bonke.
5Ngokuba bonke otixo bezizwe ba ize; kanti uJehova wenza izulu.
6Ubukosi nokukazimula ku sebusweni bake; amandhla nobuhle bu sendaweni yake eyingcwele.
7Letani nina mindeni yabantu, letani udumo namandhla.
8Letani kuJehova udumo lwegama lake; ni lete umnikelo, ni ngene emagumeni ake.
9Dumisani uJehova ezivunulweni ezi ingcwele; ma ni tutumele ebusweni bake nina nonke bezwe.
10Ma ni ti ezizweni, uJehova u ya busa; nawo umhlaba wo qiniswa ukuze u nga zanyazanyiswa; wo bahlulela abantu ngokulunga.
11Ma li jabule izulu, wetabe umhlaba; ma lu dume ulwandhle nokugcwala kwalo.
12Ma wename umhlabati nako konke o ku kuwo; lapo imiti yonke yehlati yo huba ngenjabulo,
13Ebusweni buka Jehova; ngokuba u yeza, ngokuba u yeza ukwahlulela izwe; u ya kwahlulela izwe ngokulunga, nabantu ngeqiniso lake.
Bible Society of South Africa 1893