1KUHLE ukumbonga uJehova, nokuhlabelela igama lako, wena Opakamileyo;
2Ukulandela umusa wako kusasa, nokukoleka kwako kusihlwa.
3Pezu kogubu olunezintambo ezi ishumi; na pezu kweqwabe; pezu kwemvingo evumayo kamnandi.
4Ngokuba wena, Jehova, u ngi jabulisile ngomsebenzi wako; ngo huba ngokwetaba ngokwenza kwezandhla zako.
5Jehova, izenzo zako zi kulu kangaka! izizindhlo zako zi julile kakulu.
6Umuntu o isipukupuku a nge kwazi; nesiula si nge ku qonde loku.
7Nxa ababi be hluma njengotyani, nabasebenzi bokubi bonke be kahlela; ko za ku be ukucitwa kwabo ku be ngunapakade.
8Kepa wena, Jehova, u pakeme ku ze ku be pakade.
9Ngokuba bheka izita zako, Jehova, ngokuba bheka izita zako zi ya kububa zonke, abasebenzi bokubi ba hlakazeke.
10Kepa wo pakamisa upondo lwami njengolwenqumba; ngi gcotyiwe ngamafuta amatya.
11Kepa iso lami lo bona izita zami; izindhlebe zami zi ya kuzwa ngababi aba ngi vukelayo.
12Olungileyo wo hluma njengesundu, wo kula njengesedare eLebanoni.
13Bona a ba tyaliwe ngasendhlini ka Jehova, ba ya kuhluma emagumeni aka Tixo wetu.
14Ba sa ya kumila ebudaleni; ba kulupale, ba be batya.
15Uku landela, ukuba uJehova uqoto; u yidwala lami, abuko ububi kuye.