1YENA o hlezi ekusitekeni kOpakamileyo, wo hlala etunzini lika Somandhla.
2Ngi ya kuti kuTixo, U isipepelo sami, nenqaba yami; uTixo wami; ngo temba kuwe.
3Ngokuba yena wo ku kulula esihibeni somtiyi, nasempandwini obubisayo.
4Wo ku sibekela ngezimpape zake, na nga pansi kwamapiko ake u ya kwetemba; iqiniso lake li isihlangu nehau.
5A u yi kwesaba ngevuso ebusuku; na ngomsebe o ndiza emini;
6Na ngempondo e hamba ebumnyameni; na ngokufa o ku bubisayo emini enkulu.
7Aba izinkulungwane ba ya kuwa ngasohlangotini lwako, naba izinkulungwane ezi ishumi esandhleni sokunene sako; kanti a ku yi ku kunamata wena.
8Kodwa wo bheka ngamehlo ako, u bone ukupindiselwa kwababi.
9Ngokuba wena u menze uJehova isipepelo sami, ukuti, Opakamileyo, a be inhlalo yako.
10Okubi a ku yi ku kuwela, nokutyaywa a ku yi kusondela enhlalweni yako.
11Ngokuba wo yaleza izingelosi zake ngawe, uku ku londoloza ezindhleleni zako zonke.
12Zi ya kukupata ezandhleni zazo, funa unyawo lwako lu tyayeke etyeni.
13Wo hamba wena pezu kwengonyama nebululu; wo nyatela pansi ingonyama entya nengwenya.
14Ngokuba yena wa e namatela kimi; ngako ngo m kulula; ngi m pakamise, ngokuba wa e lazi igama lami.
15Wo ngi biza yena, ngi m pendule, ngi be naye encingweni; ngo m kulula, ngi m dumise.
16Ngi ya kumsutisa ngobude bezinsuku, ngi m bonise ukusindiswa kwami.