IZIHLABELELO 87
Kuwo amadodana aka Kora, Isihlabelelo, Igama.
1ISISEKELO sake si sezintabeni ezi ingcwele.
2uJehova u ya tanda amasango a seZioni ngapezu kwezindhlu zonke za seJakobe.
3Okudumileyo ku ya shunyayelwa ngawe, muzi ka Tixo. Sela.
4Ngo kumbula uRahabi neBabulona kubo aba ngaziyo; bheka iFilistia, neTire, neKushi; lomuntu wa zalwa kona.
5Na ngeZioni ku ya kutiwa, Lomuntu, na lomuntu wa zalwa pakati kwalo; ko ti, Opakamileyo a li mise.
6uJehova wo bala ekulobeni abantu, ukuba lomuntu wa zalwa kona. Sela.
7Abahlabeleli kanye naba tyaya amagenkhle bo ba kona; imitombo yonke yami i kuwe.
Bible Society of South Africa 1893