IZIHLABELELO 85
Kumholi wokuhlabelela kuwo amadodana ka Kora, Isihlabelelo.
1JEHOVA wa u nomusa kulo izwe lako; u buyisile ukutunjwa kuka Jakobe.
2U susile icala labantu bako; u sibekele ukona konke kwabo. Sela.
3U susile yonke intukutelo yako; u buyile kuko ukuvuta kolaka lwako.
4Si pendule Tixo wokusindiswa kwetu; u yeke ukucunukala kwako ngati.
5Wo tukutelelana nati ku ze ku be pakade na? wo jobelela ulaka lwako ezizukulwaneni nezizukulwane na?
6A u yi kubuya, u si pilise, ukuze abantu bako ba jabule kuwe na?
7Si bonise umusa wako Jehova, u si nike inkululo yako.
8Ma ngi zwe ukuba uTixo uJehova u ya kukulumani; ngokuba u ya kukuluma ukutula kubantu bake, na kubo abakolwayo bake; kepa ma ba nga buyeli ebuwuleni.
9Impela inkululo yake i seduze nabo aba m esabayo; ukuze udumo lu hlale ezweni letu.
10Ku hlangene umusa neqiniso; kwangene ukulunga nokutula.
11Iqiniso li ya kuhluma emhlabeni; ko ti ukulunga ku buke ku sezulwini.
12Futi uJehova wo nika okulungileyo; nezwe letu lo nika isitelo salo.
13Ukulunga ko hamba pambi kwake; ku si beke endhleleni yezinyatelo zake.
Bible Society of South Africa 1893