IZIHLABELELO 8
Kumholi wokuhlabelela ngogubu. Isihlabelelo sika Davida.
1JEHOVA, Nkosi yetu, igama lako li ya babazeka kangaka emhlabeni wonke! o beke ukukazimula kwako pezu kwezulu.
2Emlonyeni wezingane nowabancelayo u zimisele udumiso ngazo izita zako, ukuze u tulise ozondayo nopindisayo.
3Lapo ngi bona izulu lako, umsebenzi weminwe yako, inyanga nezinkanyezi o z'enzileyo.
4Umuntu u ini ukuba u m kumbule? nendodana yomuntu ukuba u yi nake na?
5U m enze a silale kancane ku noTixo, u m hlobisile ngokukazimula na ngobukosi.
6U m busisile pezu kwemisebenzi yezandhla zako; u beke konke pansi kwezinyawo zake.
7Izimvu, nezinkomo zonke, nezilwane zomhlabati;
8Nezinyoni zezulu, nezinhlanzi zolwandhle, nokudhlula ezindhleleni zolwandhle.
9Jehova Nkosi yetu, igama lako li ya babazeka kangaka emhlabeni wonke!
Bible Society of South Africa 1893