Kumholi wokuhlabelela pezu kwesimbale; nguDavida.
1NGI sindise, Tixo; ngokuba amanzi a ngenile empefumlweni wami,
2Ngi ya cwila obityini olujulileyo, akuko ukusimama; Se ngi ngenile ebudeni bamanzi, i ti imisinga i ya ngi minzisa.
3Ngi katele ngokukala kwami; umpefumlo wami u ya tya; amehlo ami a ya pela ngokubheka uTixo wami.
4Abangizondayo ngeze ba vamile ku nezinwele zekanda lami; ba ningi abangiqedayo, ba izita zami ngi nge nacala; loku e ngi nga ku panganga nga se ngi ku buyisela.
5Tixo u ya bazi ubuula bami, amacala ami a ka fihlakeli kuwe.
6Aba ku tembayo ma ba nga bi namahloni ngami, Nkosi Jehova wamabandhla, a ba ku funayo ma ba nga hlazeki ngami, Tixo wabaIsraeli.
7Ngokuba ngi twalile ukujeziswa ngenxa yako; ihlazo li sibekele ubuso bami.
8Ngi ze ngi be umfokazi kubafo wetu, ongaziwayo nakubantwana baka mame.
9Ngokuba ukuvutwa ngendhlu yako ku ngi dhlile; futi ukujezisa kwaba ku jezisayo ku ngi wele.
10Lapo nga be ngi lila, umpefumlo u sekuzileni ukudhla, kwa ku ukujeziswa kimi.
11Nga faka isaka li be ukwambata kwami; nga be ngi isihlekiso sabo.
12Abahleziyo esangweni ba kuluma ngami; nga ti nga ba isiqango sezidakwa.
13Kepa mina ukutandaza kwami kukuwe, Jehova, Tixo, eqinisweni lenkululo yako.
14Ngi kipe odakeni, ma ngi nga tyoni; ma ngi sindiswe kubo abazondi bami, nasebudeni bamanzi.
15Ma i nga ngi minzi imisinga yamanzi, ukujula ma ku nga ngi gwinyi, umgodi ma u nga ngi vuleli umlomo wawo.
16Lalela kimi, Jehova, ngokuba umkulu umusa wako; u penduke kimi ngokobuningi besisa sako.
17Ma u nga sibekeli ubuso bako wena kuyo inceku yako; ngokuba ngi ya hlupeka, tyetya u ngi lalele.
18Sondela kuwo umpefumlo wami, u wu haukele; ngi kulule eziteni zami.
19Wena u ya kwazi ukujeziswa kwami nezinhloni zami, nehlazo lami; izita zami zi kona pambi kwako zonke.
20Ukujeziswa ku dabulile inhliziyo yami; ngi ya fa, ngi ya m bheka umuntu woku ngi haukela, kepa akako; naba ngi tokozisayo, kepa a ngi ba fumananga.
21Ba ti ba nika ubuti bu be ukudhla kwami; na sekomeni kwami, ba ngi puzisa umunyu.
22Itebula labo ma li be isihibe pambi kwabo; nokuhlala ngokutula kwabo, ma ku be umgibe.
23Amehlo abo ma ka cinywe ukuze ba nga boni; zi ti izinkalo zabo zi zamazame.
24Tela pezu kwabo intukutelo yako, nolaka lwako olu vutayo ma lu ba fikele.
25Itanga labo ma li citeke; ma ku nga biko ohlabayo ematenteni abo.
26Ngokuba ba m zingele o m tyayayo wena; ba ya kuluma ku be ubuhlungu kwabahlatyiweyo bako.
27Ma wenezele icala pezu kwecala labo; futi ma ba nga ngeni ekulungeni kwako.
28Ma u ba hlangule encwadini yabapilayo; futi ma ba nga lotywa kanye nabalungileyo.
29Kepa mina ngi hlupekile, ngi dabukile; ukusindiswa kwako ma ku ngi hlenge, Tixo.
30Ngo hlabelela igama lika Jehova ngegama; ngo m kulisa ngokubonga.
31Ko ti ku be kuhle kuJehova ku nenkomo; ku nenkunzi e nezimpondo namasondo ahlukeneyo.
32Abatobekileyo ba ya kubona loku, ba ya kujabula; ko ti i pile inhliziyo yenu e ni funa uTixo.
33Ngokuba uJehova u ya ba lalela abakatazekileyo; a ka deli izibotywa zake futi.
34Ma ku m hlabelele izulu nomhlaba, izilwandhle nazo zonke izilwane ezikasayo pakati kwazo.
35Ngokuba uJehova wo sindisa iZioni, futi wo yaka imizi ya seJuda; ko ti ba hlale kona, ba be nalo li be ifa.
36Inzalo yezinceku zake i ya ku dhla ifa lalo; nabo abatanda igama lake bohlala kulo.