IZIHLABELELO 64
Kumholi wokuhlabelela; Isihlabelelo nguDavida.
1YIZWA, Tixo, izwi lami ekukaleni kwami, u londoloze ukupila kwami evusweni lesita.
2Ma u ngi site ekucebeni kwababi, esixukwini sabasebenza okubi.
3A benza lu be bukali ulimi lwabo njengenkemba a ba gobisa umcibityelo ukunsala imisebe yabo, i ti amazwi ababayo.
4Ukucibityela olungileyo be sekusitekeni; ba ya cibityela masinyane, be nga sabi.
5Ba ya ziqinisa endabeni embi; ba ya kuluma ngokufihla imigibe; ba ti, Ubani o ya ku ba bona na?
6Ba ya hlola ukonakalisa ba ti; si qedile icebo eli cetyiweyo; futi izibilini zabo bonke, nenhliziyo i julile.
7Kepa uTixo wo ba cibityela masinyane ngomsebe ba gwazwe ngokuzunywa.
8Ku ya kuti ba wise ulimi lwabo pezu kwabo; bonke aba ba bonayo ba ya kubaleka.
9Ko ti ba bone bonke abantu, ba shumayele ukwenza kuka Tixo; ba qonde ukwenza kwake.
10Olungileyo wo jabula kuJehova e tembe kuye; betabe nabo bonke abaqoto ngenhliziyo.
Bible Society of South Africa 1893