IZIHLABELELO 62
Kumholi wokuhlabelela, kuJedutuni. Isihlabelelo nguDavida.
1IMBALA umpefumlo wami i ya tula kuTixo; ukusindiswa kwami ku kuye.
2Yena yedwa u yitye lami, nokusindiswa kwami; u yinqaba yami, a ngi yi kunyakaza kakulu.
3Ni ya kusukela umuntu ku ze ku be nini na? ni ya kufohlozwa nina nonke njengodonga olu tambekileyo, notango olu kahlelwayo pansi.
4Imbala ba ya ceba uku m wisa pansi ekupakameni kwake; ba ya tanda amanga; ba ya bonga ngomlomo wabo, kanti ba ya tuka enhliziyweni embilinini yabo. Sela.
5Yebo mpefumlo wami tula kuTixo; ngokuba itemba lami li kuye.
6Yena yedwa u yitye lami, nokusindiswa kwami; u yidwala lami; a ngi yi kunyakaza kakulu.
7I kuTixo inkululo yami nokukazimula kwami; itye lamandhla ami, isipepelo sami si kuTixo.
8Temba kuye ngezikati zonke; nina bantu tokozelani pambi kwake inhliziyo yenu; uTixo u yisipepelo kiti. Sela.
9Nembala ba umoya abafokazana, ba ngamanga abanumuzana; benyuke esilinganisweni; bona kanye ba yelula ku nomoya.
10Ni nga tembi kulo uhlupo, ni nga zigabisi ngokupanga; uma imfuyo yandile, ni nga beki kuyo inhliziyo.
11uTixo u kulumile kanye; kabili ngi zwile loku; ukuba amandhla a kuye uTixo.
12Na ku wena Nkosi u kona umusa; ngokuba wena u pindisela kumuntu njengokwenza kwake.
Bible Society of South Africa 1893