IZIHLABELELO 52
Kumholi wokuhlabelela. Isiqondiso nguDavida. Ekuzeni kuka Doegi umEdomi lapo wa m tyela uSauli, wa ti kuye uDavida u fikile endhlini ka Ahimeleki.
1YINI ukuba u zigabise ebubini wena siqwaga na? umusa ka Tixo u sezindaweni zonke.
2Ulimi lwako lu ya ceba ukonakalisa; lu njengensingo eloliweyo lwenza inkohliso.
3Wena u ya tanda ububi ku nokulungileyo; nokuqamba amanga ku nokukuluma ukulunga. Sela.
4U ya tanda onke amazwi okugwinya, wena lulimi lwenkohliso.
5Impela uTixo wo ku cita ku be njalo, wo ku pata a ku kipe enhlalweni yako; wo ti a ku domule ezweni labapilileyo. Sela.
6Abalungileyo bo bona, nabo besabe, futi ba ya ku m hleka;
7Be ti, Bheka nasi isiqwaga e si nga m enzanga uTixo amandhla aso; kanti wetemba ekuvameni kwengcebo yake, waziqinisa ekonakaliseni.
8Kepa mina ngi njengomhlwati oluhlaza endhlini ka Tixo; ngi yetemba emuseni ka Tixo ku ze ku be pakade.
9Ngi ya kukubonga ku ze ku be pakade, ngokuba u kwenzile; ngi ya kubheka igama lako; ngokuba kuhle pambi kwabayingcwele bako.
Bible Society of South Africa 1893