Kumholi wokuhlabelela. Isihlabelelo nguDavida, ekuzeni kuye kuka Natani umazisi emva kokungena kwake kuBatsheba.
1NGI haukele Tixo ngokomusa wako; ngokobuningi bobubele bako ma u hlangule izipambeko zami.
2Ma u ngi hlanzisise kakulu ebubini bami, u ngi hlanze ekoneni kwami.
3Ngokuba ngi ya zazi izipambeko zami; nesono sami si pambi kwami ngezikati zonke.
4Ngonile kuwe, wena wedwa, ngi benzile lobububi emehlweni ako; ukuze u tiwe u lungile ekushumayeleni kwako, u hlanzeke ekwahluleni kwako.
5Bheka nga zalelwa ebubini, nasekoneni umame wa ngi tabata.
6Bheka u ya tanda iqiniso ngapakati; ku ti ekusitekeni wo ngazisa ukuhlakanipa.
7Ngi hlanze ngehisope, ngo ba ngi hlanzekile; ngi cwengisise, ngo ba mhlope ku neqwa.
8Ngi zwise intokozo nenjabulo; ukuze amatambo o wa cobozileyo etabe.
9Fihla ubuso bako ezonweni zami, u hlangule ububi bonke bami.
10Ma u ngenzele inhliziyo ehlanzekileyo, Tixo; u vuse umoya oqinisekileyo ezibilinini zami.
11Ma u nga ngi lahli ebusweni bako; u nga susi kimi umoya wako oyingcwele.
12Ma u buyisele kimi intokozo yokusindisa kwako; u ngenzele umoya ovumayo.
13Lapo ngo fundisa abapambekayo izindhlela zako; ko ti izoni zi buyele kuwe.
14Ngi kulule egazini Tixo, Tixo wokusindisa kwami; ulimi lwami lo hubela ukulunga kwako.
15Nkosi, vula izindebe zami; ku ya kuti ulimi lwami lu shumayele udumo lwako.
16Ngokuba a u tandi umnikelo, nga ngi ku nika wona; otyisiweyo a u tokozi ngawo.
17Iminikelo ka Tixo i ngumoya odabukileyo; inhliziyo edabukile, eyapukile, Tixo, a u yi kuyidela.
18Yenza okuhle eZioni emuseni wako; u zake izindonga za seJerusalema.
19Lapo wo tanda iminikelo yokulunga, etyisiweyo netyisiweyo impela; lapo ba ya kunikela izinkunzi pezu kwamalati ako.