IZIHLABELELO 47
Kuwo umholi wokuhlabelela, kuwo amadodana ka Kora. Isihlabelelo.
1TYAYANI izandhla nonke nina 'bantu; ni hubele kuTixo ngezwi lokwetaba.
2Ngokuba uJehova Opakamileyo u yesabeka; u iNkosi enkulu pezu komhlaba wonke.
3Wo tobisa abantu pansi kwetu, nezizwe pansi kwezinyawo zetu.
4Wo si ketela inzuzo yetu, ubuhle buka Jakobe a m tandayo. Sela.
5uTixo wenyukela ngenxokozelo, uJehova ngokukala kwetilongo.
6Hlabelelani uTixo, ni hlabelele; hlabelelani kuyo iNkosi yenu, ni hlabelele.
7Ngokuba uTixo u iNkosi yezwe lonke; hlabelelani ni qonde.
8uTixo u ya busa pezu kwezizwe; uTixo u hlezi pezu kwesihlalo sake sobukosi esi ingcwele.
9Abanumuzana babantu ba hlangene, abantu baka Tixo ka Abrahama; ngokuba izihlangu zezwe e zika Tixo; u pakeme kakulu.
Bible Society of South Africa 1893