Kumholi wokuhlabelela, igama lokuqondisa ngamadodana aka Kora.
1NJENGENHLUZELO i nxanele imifula yamanzi, njalo umpefumlo wami u nxanele wena Tixo.
2Umpefumlo wami womela uTixo, uTixo opilileyo; ngi ya kuza nini ngi bonakale pambi kuka Tixo na?
3Izinyembezi zami za be zi ukudhla kwami ngemini na ngobusuku ngokutyo kwabo kimi imihla yonke ukuti, U pi uTixo wako na?
4Ngi ya kumbula loku, ngi pumise umpefumlo wami; ngokuba nga be ngi ye nesixuku, nga be ngi hambile kahle endhlini ka Tixo ngezwi lokwetaba, ne lokubonga nebandhla elisontayo.
5Yini ukuba u kotame mpefumlo wami, u katazeke pakati kwami? m etembe uTixo; ngokuba ngi se za ku m bonga, ukukululwa kobuso bake.
6Tixo wami umpefumlo wami u kotamile pakati kwami; ngako ngo ku kumbula ngi sezweni la seJordani, nelamaHermoni, nasentabeni iMizari.
7Isikukula si ya biza isikukula ekuhlokomeni kwezimpopomo zako; onke amadhlambi ako namaza ako a ya dhlula pezu kwami.
8uJehova wo yaleza umusa wake ngemini; nasebusuku uku m hlabelela ko ba kimi, nokutandaza kwami kuTixo wokupila kwami.
9Ngi ya kuti kuTixo dwala lami, U ngi kohlwe ngani na? ngi ya hamba ngi olilayo ngokuhlupa kwesita ngani na?
10Ngokucoboza ematanjeni ami, abahlupi bami ba ya ngi jezisa; ngokutyo kwabo kimi imihla yonke, ukuti, uTixo wako u pi na?
11Yini ukuba u kotame mpefumlo wami? u katazeke ngani pakati kwami na? m etembe uTixo, ngokuba ngi se za ku m bonga, ukukululwa kobuso bami, uTixo wami.