Isihlabelelo sika Davida, ukukumbuza.
1JEHOVA, u nga ngi jezisi ekutukuteleni kwako; u nga ngi tyayi ngokuvuta kolaka lwako.
2Ngokuba imisebe yako i ya ngi hlaba, si ngehlele nesandhla sako.
3Ngokuba akuko ukupila enyameni yami ebusweni bolaka lwako; akuko nokuhlala kahle ematanjeni ami ebusweni bokona kwami.
4Ngokuba ububi bami bu ya dhlula pezu kwekanda lami; njengomtwalo onzima bu ya ngi sindezela.
5Izilonda zami zi ya nuka, zi pumisa ubovu ngenxa yobuula bami.
6Ngi kotamile, ngi kokoba kakulu; imihla yonke ngi ya hamba ngi odabukileyo.
7Ngokuba izinkalo zami zi gcwele ukutya; akuko ukupila enyameni yami.
8Se ngi dangele, ngi dabukile kakulu; ngi ya kala ngokububula kwenhliziyo yami.
9Nkosi ukufisa kwami konke ku pambi kwako; futi ukububula kwami a ku fihlakeli kuwe.
10Inhliziyo yami i ya quma, amandhla ami a ngi shiyile; nokukanya kwamehlo ami a ku seko kimi nako.
11Aba tandana nami ba yema kude nokutyaywa kwami; nabakelene nami ba yema katyana.
12Bona aba funa umpefumlo wami ba ya ngi tiya; nabo aba funa ukoniwa kwami ba ya kuluma ukonakalisa, be qambe inkohliso imihla yonke.
13Kepa mina njengesitulu a ngi zwa; ngi njengesimungulu e si nga kamisi umlomo waso.
14Njalo ngi njengomuntu ongezwayo, akuko nokupendula emlonyeni wake.
15Ngokuba ngi yetemba kuwe, Jehova; wena wo pendula, Nkosi yami, Tixo wami.
16Ngokuba ngi te, funa ba jabule ngami; ekutyeleleni konyawo lwami ba zi kulise pezu kwami.
17Ngokuba ngi lungele ukulwa, futi umunyu wami u pambi kwami njalo.
18Ngokuba ngi ya kubika icala lami; ngesabe ngesono sami.
19Kepa izita zami zi pilile, zi namandhla; ba vamile bona a ba ngi zondayo ngeze.
20Bona a ba buyisela okubi esikundhleni sokuhle; ba ya tiyana nami, ngokuba ngi landa okulungileyo.
21U nga ngi shiyi, Jehova; Tixo wami, u nga bi kude nami.
22Tyetya uku ngi siza, Nkosi yokusindisa kwami.