NgoDavida.
1JEHOVA, ba pikise a ba ngi pikayo; u lwe nabo aba lwa nami.
2Tabata ihau, nesihlangu, u vuke ngokusiza kwami.
3Koka umkonto, u vimbele ukutiyana nabo aba ngi zingelayo, Yityo kumpefumlo wami, ukuti, Mina ngi ngukusindiswa kwako.
4Ma ba jabe ba hlazeke a ba funa umpefumlo wami; ma ba buyiselwe emuva ba be namahloni a ba funa ukoniwa kwami.
5Ma ba be njengamakoba pambi komoya; ingelosi ka Jehova ma i ba kapeze.
6Indhlela yabo ma i be mnyama, i be butelezi; ingelosi ka Jehova ma i ba zingele.
7Ngokuba ba ngi fihlele umgodi wesitiyo sabo ngi nge nacala; ba mbele umpefumlo wami ngi nge nacala.
8Ukubujiswa a nga kwaziyo ma ku m fikele; isitiyo sake a si fihlileyo ma si m babise; ma ka we kuso ku be ukubujiswa.
9Kepa umpefumlo wami u ya kwetaba kuJehova, u jabule ngokusindisa kwake.
10Amatambo ami onke a ya kutyo, ukuti, Jehova, ubani o njengawe, o sindisa ohlupekayo kuye o namandhla kunaye; ukuti ohlupekayo, nodingayo kuye o m amukayo.
11Ofakazi bamanga ba ya vuka; ba buze kimi e ngi nga kwaziyo.
12Ba ya ngi kokela okubi esikundhleni sokuhle; ukuti ukushiywa kompefumlo wami.
13Kanti mina ekuguleni kwabo ukwambata kwami kwa ba isaka; nga hlupa umpefumlo wami ngokuzila ukudhla; futi ukutandaza kwami kwa buyela esifubeni sami.
14Ngi be ngi hamba njengaloko e be umhlobo, njengaloko e be umzalwane wami; njengolilela unina nga zitobela, ngi olilayo.
15Kepa ekuweni kwami ba jabula ba hlangana; ba hlangana nga kimi abahlebi ngi nga kwazi, ba dabula be nga yeki;
16Pakati kwababi abahlekisayo ekudhleni, aba gedhlela mina amazinyo abo.
17Nkosi, wo buka ku ze ku be nini na? buyisa umpefumlo wami ekuciteni kwabo, o wodwa wami kuzo izingonyama ezintya.
18Ngo ku dumisa emhlanganweni omkulu, ngi ku babaze pakati kwabantu abaningi.
19Ma ba nga jabuli pezu kwami aba yizita zami ezi namanga; ma ba nga qwebi ngeso aba ngi zonda ngi nge nacala.
20Ngokuba a ba kulumi ukuhlala kahle; kanti ba ya ceba amazwi enkohliso ngabo aba tulileyo bezwe.
21Futi ba ya ngi kamisela kakulu umlomo wabo, ba ti, Aha! Aha! iso letu li ya bona.
22Jehova, u bonile wena, ma u nga tuli; Nkosi yami ma u nga bi kude nami.
23Vuka, u vukele ukwahlulwa kwami, Tixo wami, Nkosi yami vukela icala lami.
24Ngahlule njengokulunga kwako, Jehova, Tixo wami; ma ba nga jabuli pezu kwami.
25Ma ba nga tyo enhliziyweni yabo, ukuti Aha! ku ngukufisa kwetu; ma ba nga tyo, ukuti, si m gwinyile.
26Ma ba jabe, ba be namahloni kanye aba jabula ekuhlupekeni kwami; ma ba 'mbate amahloni nokuhlazeka aba zikukumezayo ngami.
27Ma betabe ba jabule aba tanda ukulunga kwami; ma ba tyo njalo ukuti. Ma ka kuliswe uJehova o tanda ukuhlala kahle kwenceku yake.
28Njalo ulimi lwami lo shumayela ukulunga kwako nokubongwa kwako imihla yonke.