1TABANI nina balungileyo kuJehova; ngokuba ukubonga ku fanelekile kubo abaqoto.
2Bongani uJehova ngogubu; ni vume kuye ngogubu olu nezintambo ezi ishumi.
3Hlabelelani kuye isihlabelelo esitya, ni hlakanipe ukubeta ngenhlokomo.
4Ngokuba izwi lika Jehova li lungile; nezenzo zake zonke zi ya koleka.
5U ya tanda ukulunga nokwahlula; umhlaba u gcwele umusa ka Jehova.
6Ngezwi lika Jehova izulu lenziwa; namabandhla onke alo ngomoya womlomo wake.
7U ya qongelela amanzi olwandhle a be inqwaba; a beka ubude bezilwandhle emilindini.
8Umhlaba wonke ma u m esabe uJehova; ma ba m hlonipe bonke a ba hlezi ezweni.
9Ngokuba wa tyo yena, kwa ba kona; wa yalela, kwema.
10uJehova u ya cita ukuceba kwezizwe, a putise ukuqamba kwabantu.
11Icebo lika Jehova li mi ku ze ku be pakade; ukuqamba kwenhliziyo yake, ngesizukulwane nesizukulwane.
12Si ya busiswa isizwe uTixo waso u nguJehova; nabantu a ba ketileyo ba be ifa lake.
13uJehova u ya bheka e sezulwini; u ya bona bonke abantwana babantu.
14E sendaweni yokuhlala kwake u ya buka pezu kwabo bonke a ba hlezi emhlabeni.
15U ya zenza izinhliziyo zabo zi fanane; u ya qonda imisebenzi yonke yabo.
16Ayiko inkosi e sindiswa ngokuvama kwempi; isiqwaga a si sindiswa ngamandhla amakulu.
17Li ize ihashi ekunqobeni; lona a li yi ku sindisa muntu ngokuvama kwamandhla alo.
18Bheka iso lika Jehova li pezu kwabo aba m esabayo; kubo a ba temba kuwo umusa wake.
19Ukusindisa umpefumlo wabo ekufeni; noku ba pilisa endhlaleni.
20Umpefumlo wetu u ya m bheka uJehova; yena u ngukusiza kwetu nesihlangu setu.
21Ngoba inhliziyo yetu i ya kujabula ngaye; ngokuba si yetemba egameni lake eli ingcwele.
22Umusa wako, Jehova ma u be pezu kwetu, njengaloku si yetemba kuwe.