IZIHLABELELO 32
NgoDavida Igama.
1UYA busiswa yena okupambeka kwake ku yekelwe, nokona kwake ku sibekelwe.
2U ya busiswa lomuntu uJehova a nga m balelanga ububi, a yiko nenkohliso emoyeni wake.
3Lapa nga tula kona, amatambo ami a guga ngokukala kwami imihla yonke.
4Ngokuba imini nobusuku isandhla sako si be nzima pezu kwami, ubumanzi bami bu guqulwe bu be ukoma kwehlobo. Sela.
5Ngi ku bonisile ukona kwami, nobubi bami a ngi bu sibekelanga; nga tyo, ukuti, Ngo bika ukupambeka kwami kuJehova; wa ti, wena wa yekela ububi besono sami. Sela.
6Ngaloku bonke abalungileyo ba ya kutandaza kuwe ngesikati soku ku fumana; ekukukuleni kwamanzi amaningi, impela a ka yi ku finyelela kuye.
7Wena u ngukusita kwami, u ya ku ngi londoloza emcingweni; u ngi haqe ngamahubo okukululwa.
8Ngo ku fundisa ngi ku bonise indhlela o ya ku hamba ngayo; ngo ku qondisa ngeso lami.
9Ni nga bi njengehashi nembongolo e nge nakwazi; e nomnxibo netomu, ukuvunulwa kwayo, ukuze i nga sondeli kuwe.
10Zi ningi izinhlupeko kuye omubi; kanti yena o wetemba kuJehova, umusa u ya kumhaqa.
11Jabulani kuJehova netabe nina balungileyo, ni memeze ngenjabulo nonke nina baqoto enhliziyweni.
Bible Society of South Africa 1893