IZIHLABELELO 24
Isihlabelelo sika Davida.
1UMHLABA u ngo ka Jehova, nokugcwala kwawo, izwe nabo aba hlezi kulo.
2Ngokuba yena wa wu sekela pezu kwezilwandhle, wa wu misa pezu kwemisinga.
3Ubani o ya ku kupukela entabeni ka Jehova na? ubani o ya ku hlala endaweni yake e yingcwele na?
4Yena o nezandhla ezimhlope, nenhliziyo e hlanzisekileyo; o nga pakamiseli umpefumlo wake amanga; o nga fungi ngenkohliso.
5U ya kwamkela ubusiso kuJehova, nokulunga kuTixo wokusindisa kwake.
6Yilesi isizukulwane e si m funayo, bona a ba singa ubuso bako Tixo ka Jakobe. Sela.
7Masango, pakamisani izihloko zenu; nani minyango ya pakade pakamani; ukuba iNkosi yokukazimula i ngene.
8I ngubani na leNkosi yokukazimula? uJehova o namandhla o yiqawe, uJehova o yiqawe lokulwa.
9Masango, pakamisani izihloko zenu; nani minyango ya pakade zipakamiseni, ukuba iNkosi yokukazimula i ngene.
10I ngubani na leNkosi yokukazimula? uJehova wamabandhla, uye iNkosi yokukazimula. Sela.
Bible Society of South Africa 1893