Kumholi wokuhlabelela. Isihlabelelo sika Davida inceku ka Jehova, o wa kuluma kuJehova amazwi esihlabelelo lesi, ngosuku uJehova a m sindisa ngalo esandhleni sezita zonke zake, nasesandhleni sika Sauli.
1YENA wa ti, Ngo ku tanda, Jehova, mandhla ami.
2Jehova uidwala lami, inqaba yami, umkululi wami; Tixo wami, uitye lami e ngi ya ku temba kulo; u yisihlangu sami, upondo lokusindiswa kwami, inqaba yami epakamileyo.
3Ngo biza uJehova o fanele ukudunyiswa, njalo ngo sindiswa eziteni zami.
4Izintambo zokufa za ngi zungeza, nezikukula zokonakalisa za ngetusa.
5Izintambo zeSheoli za ngi haqa, nezihibi zokufa za ngi tiya.
6Encingweni yami nga m biza uJehova, nga kala kuTixo wami; yena wezwa izwi lami e setempeleni lake, ukukala kwami kw'eza pambi kwake ezindhlebeni zake.
7Kwa ti umhlaba wa zamazama wa tutumela izisekelo zezintaba za shukunyiswa, za zamazama, ngokuba wa e tukutele.
8Umusi wa kupuka empumulweni yake, wa ti umlilo o wa puma emlonyeni wake wa dhla; amalahle a vuta pambi kwake.
9Yena wa tobisa izulu wehla; ba ti ubumnyama ba ba pansi kwezinyawo zake.
10Wa kwela pezu kweKerubi, wa ndiza; wa qubeka pezu kwamapiko omoya.
11Wa beka ubumnyama bu be isisibekelo sake, bu m haqa etenteni lake, ubumnyama bamanzi, nobunzima bamafu.
12Ekukazimuleni oku pambi kwake amafu ake anzima a pumelela, a nesicoto namalahle omlilo.
13Futi uJehova wa duma ezulwini, yena O pezu konke wa pimisa izwi lake; isicoto namalahle omlilo.
14Wa ponsa imisebe yake wa ba hlakaza; ngezinyazi eziningi wa ba sabalalisa.
15Lapo imisele yamanzi ya bonakala, nezisekelo zezwe za zibukulwa ngokuteta kwako, Jehova; na ngokufuta komoya wamakala ako.
16Wa tuma e pezulu, wa ngi tata, wa ngi kipa emanzini amaningi.
17Wa ngi sindisa esiteni sami esi namandhla; na kubo aba ngi zondayo, ngokuba ba be ngahlula.
18Ba ngi kandanisela ngosuku lwenkatazo yami; kepa uJehova wa be e umpasi wami.
19Wa ngi pumisela endaweni ebanzi; wa ngi kulula, ngokuba wa e ngi tanda.
20uJehova wa ngi vuza njengokulunga kwami; wa buyisela kimi njengokuhlanzeka kwezandhla zami.
21Ngokuba ngi gcinile izindhlela zika Jehova, ngi nga muki kabi kuTixo.
22Ngokuba izahlulo zonke zake be zi pambi kwami, a ngi lahlanga izimiso zake kimi.
23Ngi be ngi oqoto kuye, nga ngi zigcina kubo ububi bami.
24Ngako uJehova u buyisele kimi njengokulunga kwami; na njengokuhlanzeka kwezandhla zami pambi kwamehlo ake.
25Kuye o nomusa wena wo zibonakalisa u nomusa; kumuntu oqoto wo zibonakalisa uqoto.
26Kuye o hlambululekileyo wo zibonakalisa u hlambululekile; na kuye opambeneyo wo zibonakalisa u pambene.
27Ngokuba wena wo sindisa abantu abakatazekayo; kanti u ya kutobisa amehlo a zidhlayo.
28Ngokuba wena u ya kubaneka isibani sami; uJehova uTixo wami wo kanyisa ubumnyama bami.
29Ngokuba ngawe ngi gijimile empini; na ngoTixo wami ngeqile udonga.
30uTixo indhlela yake i lungile; amazwi ka Jehova a hlanzisekile; u isihlangu kubo bonke aba temba kuye.
31Ngokuba ubani o nguTixo ngapandhle kwako Jehova na? futi ubani o idwala uma ku nge siye uTixo wetu na?
32uTixo o ngambatisa amandhla, o qondisa indhlela yami.
33O wenza izinyawo zami zi fane nezindhluzelo, o ngi misa ezindaweni zami ezipakamileyo.
34O fundisa izandhla zami ukulwa, ukuze umcibityelo wetusi wa pulwe izingalo zami.
35Wena u ngi nikile isihlangu sokukulula kwako; isandhla sako sokunene sa si ngi pasa, ukutobeka kwako kwa ngi kulisa futi.
36U kulisile ukunyatela kwami pansi kwami, amaqakala ami a ka tyelele.
37Ngi landele izita zami, nga zi funyanisa; a nga buya ngi nga ka zi qedi.
38Nga zi pahlaza, zi nga be zi sa vuka; za wa pansi kwezinyawo zami.
39Ngokuba u ngambatise amandhla okulwa; u ba tobisile pansi kwami a ba ngi vukeleyo.
40Futi u ngi nike izita zami ngentamo; ngi ze ngi tulise aba ngi zondayo.
41Ba nxusela ukukululwa kepa a kwa bako umkululi; ba nxusa kuJehova, a ka bezwanga noko.
42Lapo nga ba gaya njengotuli pambi komoya, nga ba sakaza njengotuli lwezindhlela.
43U ya kungisindisa ezinkanini zabantu; u ngi beke ngi be ikanda lezizwe; abantu e ngi nga baziyo ba ya kungikonza.
44Ngokuzwa ngendhlebe ba ya kungilalela; amadodana abafokazi a ya ku ngi wunga.
45Amadodana abafokazi a ya kubuna, a tutumele ezinqabeni zabo.
46U hlezi uJehova, ma li dunyiswe idwala lami; ma ka pakanyiswe uTixo wokusindiswa kwami.
47uTixo o ngi nika impindiselo, o tobezela abantu pansi kwami.
48O ngi kulula eziteni zami, futi u ya ngi pakamisa pezu kwa ba ngi vukeleyo; u ngi sindisile kumuntu ohlupayo.
49Ngako ngo ku bonga, Jehova, ezizweni; ngi hlabelele kulo igama lako.
50O yenza i be nkulu inkululo kuyo inkosi yake; o wenza umusa kuye ogcotyiweyo wake, kuDavida, na kuyo inzalo yake ku ze ku be pakade.