1NGI ya kukupakamisa, Tixo wami, Nkosi; ngi bonge igama lako ku ze ku be pakade nezikati zonke.
2Izinsuku zonke ngo ku bonga, ngi dumise igama lako ku ze ku be pakade nezikati zonke.
3uJehova mkulu, u fanele ukudunyiswa kakulu! a kuko ukuhlola ubukulu bake.
4Isizukulwane si ya kubabaza esizukulwaneni esinye imisebenzi yako, si tyele izenzo zako ezi namandhla.
5Ngi ya kuzindhla ubuhle bodumo lobukosi bako, nezindaba zemimangaliso yako.
6Nabantu ba kulume ngamandhla emisebenzi yako esabekayo; ngo shumayela ngobukulu bako.
7Ba ya kukuluma kakulu ngenkumbulo yokuvama kobunene bako, ba hubele ukulunga kwako.
8uJehova u nobunene u ya haukela; wepuza ukutukutela, u nomusa omkulu.
9uJehova u lungile kubo bonke; umhau wake u pezu kwemisebenzi youke yake.
10Imisebenzi yonke yako i ya kukudumisa, Jehova; nabalungileyo bako ba ya kukubonga.
11Ba ya kukuluma ngodumo lombuso wako, ba shumayele ngobuqawe bako;
12Ukwazisa abantwana babantu ubuqawe bake, nodumo lobukosi bombuso wake.
13Umbuso wako u ngumbuso wemizuzu yonke; nokubusa kwako ku sezizukulwaneni nezizukulwane.
14uJehova u ya pasa bonke abawayo; u lulamisa bonke abatobekileyo.
15Amehlo abo bonke a ya kulinda; wena u ba nika ukudhla kwabo ngesikati sako.
16U ya vula isandhla sako; u sutise ukufisa kwezinto ezipilileyo zonke.
17uJehova u lungile ezindhleleni zonke zake; u nomusa ngemisebenzi yonke yake.
18uJehova u seduze nabo bonke a ba m bizayo; bonke a ba m bizayo ngeqiniso.
19U ya kwenza intando yaba m tandayo; kanti ababi bonke wo ba bulala.
20uJehova u ya londoloza bonke a ba m tandayo; kanti ababi bonke wo ba bulala.
21Umlomo wami u ya kushumayela ukubongwa kuka Jehova; nenyama yonke ma i bonge igama lake eli ingcwele ku ze ku be pakade nezikati zonke.