IZIHLABELELO 127
Igama lokukupuka nguSolomona.
1UMA uJehova e ngaki indhlu, ba ya kutalela ize abakayo; uma uJehova e nga londolozi umuzi, o wu gcinayo u linda ize.
2Ku ize kini e ni pangisa ukuvuka ekuseni, ni libale ukuhlala pansi, ni dhle isinkwa sokukutala; njalo u ya nika otandekayo wake ubutongo.
3Bheka, abantwana ba ifa e li vela kuJehova; isitelo sesisu si umvuzo.
4Njengemisebe esandhleni seqawe; ba njalo abantwana bobutya.
5I ya busiswa indoda e gcwalise umgodhla wayo ngabo; a i yi kujaba, ngokuba i ya kukuluma nezita esangweni.
Bible Society of South Africa 1893