IZIHLABELELO 125
1BONA a betemba kuJehova ba njengentaba iZioni e nge nakuzanyazanyiswa, i hlezi pakade.
2Njengezintaba ezi zungeza iJerusalema, njalo uJehova u ya zungeza abantu bake, kaloku ku ze ku be pakade.
3Ngokuba intonga yababi a i yi kuhlala pezu kwesabelo sabalungileyo, funa abalungileyo ba beke izandhla zabo kokubi.
4Jehova, ma wenze okuhle kubona abalungileyo, na kubo abaqoto ezinhliziyweni zabo.
5Kepa bona aba pambuka ngezindhlela zabo ezi sontekileyo, uJehova wo ba hambisa kanye nabenza okubi; kepa ukutula ko ba pezu kuka Israeli.
Bible Society of South Africa 1893