IZIHLABELELO 122
Igama lokukupuka nguDavida.
1NGA jabula lapo be ti kimi, Ma si ye endhlini ka Jehova.
2Izinyawo zetu za zi mi emasangweni ako, Jerusalema.
3Wena Jerusalema, o wakiwe njengomuzi o hlangeneyo ngokwawo.
4Lapo imindeni i kupukela kona, imindeni ka Jehova, ngezimemezelo kuIsraeli, ukubonga igama lika Jehova.
5Lapa ku miswe izihlalo zokwahlula izihlalo zendhlu ka Davida.
6Celani ukutula kwa seJerusalema; ba ya kuhlala kahle aba ku tandayo.
7Ma ku be kona ukutula ezindongeni zako; nokuhlala kahle ezinqabeni zako.
8Ngenxa yabafo wetu nabangane bami ngi ya kuti manje, Ma ku be kona ukutula kuwe.
9Ngenxa yendhlu ka Jehova uTixo wetu ngo ku funela okuhle.
Bible Society of South Africa 1893