IZIHLABELELO 1
1U YA busiswa umuntu o nga hambi ngokuyala kwababi, o ngemi endhleleni yezoni, o nga hlali nasenhlanganweni yezigangi.
2Kanti okutokoza kwake ku semtetweni ka Jehova; o zindhlayo ngemiteto yake ngemini na ngobusuku.
3Yena wo ba njengomuti o tyaliwe ngasemifuleni yamanzi, o ya ku tela izinhlamvu zawo ngesikati sawo; Amahlamvu awo a ka yi ku buna; ko ti konke a kwenzayo ku lunge.
4Ababi a ba njalo; kanti ba njengamakoba wona e muka nomoya.
5Ngaloku ababi a ba yi ku ma ekwahluleni, nezoni emhlanganweni wabalungileyo.
6Ngokuba uJehova u ya yazi indhlela yabalungileyo, kanti indhlela yababi yo buba.
Bible Society of South Africa 1893