1UKUHLAKANIPA ku yakile indhlu yake, ku zi bazile izinsika zake ezi isikombisa.
2Ku zihlabele, ku li vubele iwaini, ku si lungisile izitebe.
3Ku tumile izintombi zake, ezindaweni ezipakamileyo zomuzi, ku ya memeza ukuti.
4Ongahlakanipile ma ka pambukele lapa: o swele ukuqonda, ku ya tyo kuye,
5Wozani ni dhle kokwami ukudhla, ni puze iwaini e ngi li vubeleyo.
6Shiyani ubuula, no pila; hambani ngokuqonda endhleleni yokwazisisa.
7O yala isideleli, u zuza ihlazo; o kuza omubi, ku ububi kuyena.
8U nga yali isideleli, funa si ku zonde; kuza umuntu o hlakanipileyo, naye wo ku tanda.
9Nika kohlakanipileyo, wo hlakanipa yena; fundisa olungileyo, wo kwandisa ukufunda kwake.
10Ukuqala kokuhlakanipa, ku ngukumesaba uJehova, nokwazi okuyingcwele, ku ngukuqonda.
11Ngokuba ngami izinsuku zako zi ya kwanda, neminyaka yokupila i ya kwengezwa kuwe.
12Uma u hlakanipa, u ya kuzihlakanipela, kanti uma u nokudelela, wo ku twala wena wedwa;
13Umfazi ongaqondiyo u nomsindo, u nobuula, a kazi luto.
14U hlezi ngasemnyango wendhlu yake, esihlalweni esi sezindaweni ezipakamileyo zomuzi.
15Ukuba a bize abadhlulayo endhleleni, aba qonda izindhlela zabo,
16O yisiula ma ka pambuke lapa, no swele ukuqonda, u ti kuye,
17Amanzi ebiweyo a mnandi, nesinkwa sentukuso sihle.
18A kazi ukuba izituta zi kona, aba nengwayo bake ba sezigodini zesheoli.