1NDODANA yami qapela ekuhlakanipeni kwami, u yi beke indhlebe yako ekuqondeni.
2Ukuze u yi gcine ingqondo, nezindebe zako zi londe ukwazi.
3Ngokuba izindebe zesipingi zi ya consa uju, nolwanga lwaso lu butyelezi ku namafuta,
4Kanti ukupela kwake ku ya baba njengomhlonyane, ku bukali ku nenkemba e nezinsiko ezimbili.
5Izinyawo zaso zi yehlela ekufeni, izinyatelo zaso zi bambelela esheoli.
6Indhlela yokupila a si zilungiseli kona, imikondo yaso i ya jikajika, a si naki.
7Kaloku bantwana lalelani kimi, ni nga hlukani namazwi omlomo wami.
8Dedisa indhlela yako kuso, u nga sondeli emnyango wendhlu yaso.
9Ukuze u nga niki abanye ubutya bako neminyaka yako ku nonya.
10Funa abafo ba sutiswe ubucebi bako, nomsebenzi wako obuhlungu u be sendhlini yongaziwayo.
11U ze u kale ekupeleni, nxa ku tya umzimba wako nenyama yako,
12U ze u tyo ukuti, yeka ukuzonda kwami isifundiso, nenhliziyo yami i delile ukululekwa.
13Ngi nga lalelanga izwi labafundisi bami ngi nga bekanga indhlebe yami kubabonisi bami.
14Nga be ngi seduzana nokubi konke, pakati kombuto nomhlangano.
15Puza amanzi kowako umtombo, nemifula e pumayo emtonjeni wako.
16Imitombo yako ma i nga pupumeli ngapandhle, i be imifulana yamanzi ezindhleleni.
17Ma i be kuwe, ku wena wedwa; i nga bi kwabangaziwayo kanye nawe.
18Umtombo wako ma u busiswe, u jabule kumkako wobutya.
19Imbabala etandekayo nendhluzelekazi enhle, amabele ake ma ka ku delise zonke izikati, na ngokumtanda ma u holwe njalo.
20Yini ndodana yami ukuba u holwe isifebe, u singate isifuba sesipingi na?
21Imihambo yomuntu i pambi kwamehlo ka Jehova, nezindhlela zonke zake u ya zi qapelisisa.
22Ukonakala kwake ko m babisa o shingayo; na ngezintambo zokona kwake, wo banjwa.
23Wo fa yena e nge nakufundiswa, na ngobuningi bobuula bake wo duka.