1NJENGONQOQWANE ehlobo, nanjengemvula ngesikati sokuvuna, ku njalo udumo, a lu fanele isiula.
2Njengenyoni ekundindeni njengenkonjane ekundizeni, njalo isituko ku ngeko cala a si yi kuza.
3Idumbu elehashi, umkala owembongolo, noswazi o lomhlana wesiula.
4U nga penduli isiula ngokobuula baso, funa u fane naso wena.
5Pendula isiula njengobuula baso, funa si be ohlakanipileyo emehlweni aso.
6O yi tumayo indaba ngesandhla sesiula, u nquma izinyawo, e puza uhlupo.
7Imilenze yabaqugayo i ya lenga; u njalo umzekeliso emlonyeni wesiula.
8Njengesikwama samatye amahle ematyeni a qongiweyo, u njalo o si nika isiula udumo.
9Njengeva eli patwa esandhleni sodakiweyo, u njalo umzekeliso emlonyeni weziula.
10Isikulu e sona bonke, si setyenzelwa isiula, si setyenzelwa na abahambayo.
11Njengenja e buyela ebuhlanzweni bayo, njalo isiula so pinda ubuula baso.
12U ya bona umuntu ohlakanipileyo emehlweni ake na, li kona itemba esiuleni ku naye.
13Ovilapayo u ti, i kona ingonyama endhleleni, ibubesi li semendweni.
14Njengesicapa si penduka ezinsimbini zaso, ovilapayo u yenza njalo okukweni lwake.
15Ovilapayo u ya fihla isandhla sake esityeni, ku ya m kataza ukusibuyisela emlonyeni wake.
16Ivila li ngohlakanipileyo emehlweni alo, ku nabayisikombisa abapendulayo.
17Odhlulayo e tukutela enkanini e nge siyo eyake, u njengobamba izindhlebe zenja.
18Njengohlanya olu ponsa imikonto etyisayo, nemisebe, nokufa.
19U njalo o kohlisa owakelene naye, e buya e ti, a ngi dhlali na?
20Nxa ku ngeko izinkuni, umlilo u ya cima; njalo uma ku ngeko oncetezayo, inkani i ya pela.
21Njengamalahle amnyama kuwo amalahle a vutayo, nezinkuni kuwo umlilo; u njalo o pikisayo ukubasa inkani.
22Amazwi oncetezayo a njengabadhlalayo, noko a ya tyona esiswini ngapakati.
23Izindebe ezityisayo nenhliziyo embi, zi yisiliva elenekwa esityeni sebumba.
24Ozondayo u yaziwa ngezindebe zake, embilinini wake u ya beka inkohliso.
25Lapo enza li be mnandi izwi lake, u nga m kolwa; ngokuba ku kona izinengiso ezi isikombisa enhliziyweni yake.
26Inzondo i yambata inkohliso, inkohlakalo yake yo bonakaliswa pambi komhlangano wonke.
27Ombayo umgodi, u za kuwa pakati kwawo: o li ginqa itye, lo buyela pezu kwake.
28Ulimi olu namanga lu ya ba zonda aba pohlozwa ilo; nomlomo o butye lezi u sebenza ukucitakala.