1UNGA bi namona ngabantu ababi, u nga kanuki u be nabo.
2Ngokuba inhliziyo yabo i ya ceba uhlupo; nezindebe zabo zi ya kuluma okubi.
3Indhlu i yakiwa ngokuhlakanipa; na ngokuqonda i ya qiniswa.
4Ngokwazi izindhlwana zonke zi ya ku gcwaliswa ngemfuyo yonke enqabileyo.
5Umuntu ohlakanipileyo u namandhla; yebo umuntu wokwazi u ya qinisisa amandhla.
6Ngokuba ngamacebo ahlakanipileyo u ya ku zilwela; ku ti ku kona ukusinda ngobuningi babaqondisayo.
7Ukuhlakanipa ku into enkulu pezu kweziula; a si wu vuli umlomo waso esangweni.
8O cabanga ukwenza okubi u ya ku bizwa ngokuti umnikaziwo amacebo amabi.
9Icebo lobuula li isono; kanti umhleki u ya zondeka kubantu.
10Nxa u dangela ngosuku lwenhlupeko, amandhla ako mancinyane.
11Sindisa bona aba holelwa ekufeni, naba hanjiswa uku bulawa ma u ba vimbele.
12Nokuba u tyo, Bheka, a si kwazi loku; yena o linga izinhlizyo, a ka qondi na? yena o gcina umpefumlo wako a kazi na? Wo ba vuza abantu bonke njengokwenza kwabo.
13Ndodana yami, yidhla izinyosi, ngokuba zi mnandi; nokuconsa kwoju ku mnandi empinjeni wako.
14Ko ba njalo kumpefumlo wako ukwazi kokuhlakanipa; uma u ku tolile, noma ku kona okupambili lapo itemba lako a li yi ku nqunywa.
15Wena o mubi, u nga qameli indhlu yolungileyo; u nga yi citi inhlalo yake:
16Nokuba olungileyo e wa kakombisa, wo buya a vuke: kepake ababi ba ya ku kubeka ebubini babo.
17U nga jabuli; nxa isita sako si wa, inhliziyo yako ma i ngetabi ekukubekeni kwaso.
18Funa uJehova a bone, ku be kubi emehlweni ake, a suse ulaka lwake kuso.
19U nga zikatazi ngenxa yababi, u nga bi namona ngabashingayo.
20Ngokuba a ku yi kuba kona umvuzo kuwo amashinga; isibani sababi so cinywa.
21Ndodana yami, m esabe uJehova nenkosi; u nga hlangani nabo aba guquguqukayo.
22Ngokuba incitakalo yabo yo vuka masinya; nokubujiswa kwabo bobabili ubani okwaziyo na?
23Loku ku ngo kwabalungileyo; ukunaka ubuso a ku lungile ekwahluleni.
24Yena o tyo komubi; Wena u lungile; abantu ba ya ku m tuka, izizwe zo m zonda.
25Kanti kubo aba m lulekayo, ko ba mnandi; nesibusiso sokulunga so ba fikela.
26Umuntu wo zanga izindebe zake zopendulayo ngamazwi amahle.
27Lungisa umsebenzi wako ngapandhle, u wu lungise na sensimini; emuva wo yaka indhlu yako.
28U nga bi ufakazi ngakuye o wakelene naye ngeze, u nga kohlisi ngezindebe zako.
29U nga ti, Ngi ya kwenza kuye njengokwenza kwake kimi; ngo pindisela emuntwini njengemisebenzi yake.
30Nga dhlula ensimini yevila, na ngasevinini lomuntu o swela ukuqonda.
31Bhekake! yonke ya i kulile nembabazana, ubuso bayo bu sibekelwe ameva, notango lwamatye lwa be lu wile.
32Nga buka; nga bheka inhliziyo yami; nga bona; ngamukela ukufundiswa.
33Ubutongo obuyincozana, ukozela okuyincozana, ukuhlanganisa izandhla okuyincozana ukuze ku lalwe.
34Ko ti ubupofu bako bu fike njengohambayo; nokuswela kwako njengohlomileyo.