1NXA u hlala ekudhleni kanye nombusi, qonda loko oku pambi kwako.
2Beka umese empinjeni wako, nxa u ngumuntu ohahayo.
3U nga kanuki ukudhla okumnandi kwake, ngokuba ku ngukudhla kwenkohliso kona.
4U nga kataleli ukuba u be nengcebo, peza ekuqondeni kwako.
5Wo ndizisa amehlo ako kuko na? a ku se ko belu, ngokuba ku ya ku zenzela amapiko; na njengenqe ku ndizele ezulwini.
6U nga dhli isinkwa sake o neso elibi, u nga kanuki ukudhla kwake okumnandi.
7Ngokuba njengaloku e cabanga enhliziyweni yake, u njalo yena; yidhla u puze, u ti kuwe; kepa inhliziyo yake ayiko kuwe.
8Ngokuba umtama wako o wu dhlileyo wo buya u wu hlanze, u cite amazwi ako amnandi.
9Musa ukukuluma ezindhlebeni zesiula; ngokuba si ya kudelela ukwazi kwamazwi ako.
10U nga susi umkaulo omdala; u nga ngeni emasimini ezintandana.
11Ngokuba umkululi wazo u namandhla; wo zi pikela nga kuwe.
12Beka inhliziyo yako ekufundisweni, nezindhlebe zako emazwini okwazi.
13U nga yeki ukulungisa umntwana; nxa u m tyaya ngoswazi, a ka yi ku fa.
14U m tyaye ngoswazi, u kulule umpefumlo wake kusheoli.
15Ndodana yami, uma inhliziyo yako i hlakanipa, eyami inhliziyo yo jabula, yebo eyami.
16Yeboke izinso zami zo jabula, nxa umlomo wako u kuluma okufanelekile.
17Inhliziyo yako ma i nga bi namona ngabo aboni: kodwa ma u be ekumesabeni uJehova izinsuku zonke.
18Ngokuba uma ku kona okupambile; itemba lako a li yi ku nqunywa.
19Lalela, Ndodana yami, u hlakanipe, u yi qondise inhliziyo yako endhleleni.
20U nga bi pakati kwezinseli zewaini; naba iziminzi zenyama.
21Ngokuba isidakwa nesiminzi ba ya ku fikelwa ubumpofu; ukozela ku ya kwambatisa ngamanikiniki.
22Lalela uyihlo owa ku zalayo, u nga m deli nonyoko e semdala.
23Tenga iqiniso, u nga tengisi ngalo; nokuhlakanipa, nokufundisa, nokwazisisa.
24Uyise wolungileyo wo taba kakulu; no zala oqondileyo wo jabula ngaye.
25Uyihlo nonyoko bo jabula, naye o ku zaleyo etabe.
26Ndodana yami, ngi pe inhliziyo yako, amehlo ako ma a qapele izindhlela zami.
27Ngokuba isifebe si umsele o julileyo, isipingi si igebe eli ingcingo.
28So qamela njengesela, sandise abakohlisi pakati kwabantu.
29Ubani o ti, Maye? Ubani o nosizi? Ubani o nezinkani? Ubani o solayo? Ubani o namanxeba ngeze? Ubani o namehlo a jamayo na?
30Ibo aba libala ewainini; aba hamba be funa iwaini elixubanisiweyo.
31U nga li buki iwaini nxa li bomvu, nxa li bonisa iso lalo endabeni, nxa li hamba ngobutelezi.
32Ekupeleni li ya luma njengenyoka, li hlabe njengebululu.
33Amehlo ako o bona izifebe, nayo inhliziyo yo pimisela okuyize.
34Yeboke, wo ba njeng o lele pansi pakati kolwandhle, njeng o lele pansi ensikeni yomkumbu e pezulu.
35Wo ti ba ngi tyayile, a ngi guli; ba ngi ngalela a ngi kwazanga; uma ngo ba ngi vukile, ngo pinda ngi li fune futi.