1YENA o tanda isifundiso, u tanda ukwazi; kanti o zonda ukululeka, u yisipukupuku.
2Olungileyo wo zuza umusa kuJehova, kepake umuntu wamacebo amabi u ya kulahlwa.
3Umuntu a ka yi ku qiniswa ngokubi, kodwa impande yabalungileyo a i yi ku zanyazanyiswa.
4Umfazi oqoto u umqele kuyo indoda yake, kepa o hlazisayo u njengokubola kwamatambo ayo.
5Imicabango yabalungileyo i ukulungisa, kepa ukuqondisa kwababi ku inkohliso.
6Amazwi ababi a ngukuqamela igazi, kepa umlomo wabaqoto u ya kubasindisa.
7Ababi ba ya citwa ba nga biko, kepa indhlu yolungileyo i ya kuma.
8Umuntu ngokuqikela kwake u ya dunyiswa, kodwa o pambene enhliziyweni wo delwa.
9Odelwayo e nenceku, u ya ku m ahlula yena o zikulisayo kepa e ntula isinkwa.
10Olungileyo u ya katalela ukupila kwesilwane sake, kepa isisa samashinga si unya.
11O lima insimu yake wo suta ukudhla; kodwa o landela izidenge u ntula ingqondo.
12Omubi u ya fisa impango yabangalungile, kodwa impande yabalungileyo yo tela.
13Ngokona kwezindebe ku kona ukubadjwa komubi; kanti olungileyo wo puma ekuhlupekeni.
14Ngokutela komlomo womuntu wo vama ngokulungileyo, nomvuzo wezandhla zomuntu wo buyiselwa kuye.
15Indhlela yesiula i lungile emehlweni aso, kepa o lalela ukululekwa u hlakanipile.
16Isiula inkatazo yaso yaziwa ngosuku lwayo, kanti o sibekela ihlazo u hlakanipile.
17O pefumula iqiniso, u kuluma okufaneleyo; kepa ufakazi wamanga, inkohliso.
18Ba kona aba kuluma amagama amaningi njengokuhlaba kwenkemba, kodwa ulimi lwabaqondileyo lu yimpiliso.
19Udebe lweqiniso lu ya kuma ku ze ku be pakade, kodwa ulimi lwenkohliso ngokupazima kupela.
20Inkohliso i sezinhliziyweni zabo aba cabangela okubi, kodwa kwabaqondisa inhlalo enhle ku kona injabulo.
21Olungileyo a ka yi kwehlelwa ingozi neyodwa, kodwa ababi bo gcwala ububi.
22Izindebe ezikohlisayo zi yisinengiso kuJehova, kepa abenza iqiniso ba yintokozo yake.
23Umuntu o hlakanipileyo u ya fihla ukwazi, kanti inhliziyo yeziula i ya pimisela ubuula.
24Isandhla sabakuteleyo so busa, kodwa onqenayo wo teliswa.
25Uvalo enhliziyweni yomuntu lo yi tobisa, kodwa izwi elimnandi lo yi jabulisa.
26Olungileyo u ya si qondisa isihlobo sake, kanti indhlela yabashingayo i ya ku bedusa.
27O nqenayo aka yi kosa inyamazane yake, kepa imfuyo yesikutali i ya sinda.
28Ekuhambeni kokulunga, ku kona ukupila; na sendhleleni yako a ku ko ukufa.