1KEPA, bazalwane bami, jabulani eNkosini. Ukunilobela loku a kunzima kimina; ku ukugcina kinina.
2Xwayani izinja, xwayani izisebenzi ezibi, xwayani ukusika.
3Si ngabokusoka tina, esi konza uTixo ngomoya, si tokoza ngaye uKristu Jesu, si ngetembi enyameni.
4Noko ngi nga ba nokwetemba mina enyameni. Uma e kona omunye muntu o nga tyo ukuti, u nokwetemba enyameni, mina ngi nako kakulu;
5Ngi ngowabasokileyo ngosuku lwesishiyagalombili, ngi ngowesizwe sika Israeli, ngi ngowendhlu ka Benjamini, umHeberu kubaHeberu; ngokomteto be ngi umFarisi;
6Ngokukutala be ngi hlupa amabandhla; ngokulunga oku ngomteto, be ngi nge nacala.
7Kepa loku okwa ku inzuzo kimi, nga ku tyaya indiva ngenxa ka Kristu.
8Yebo, konke ngi ku tyaya indiva ngobukulu bokumazi uKristu Jesu, iNkosi yami, engi lahlekelwe konke ngenxa yake, ngi ku tyaya izibi, ngi ze ngi zuze uKristu,
9Ngi funyanwe kuyena, ngi nge nako ukulunga kwami, oku ya ngomteto, ngi be na loko oku ya ngokukolwa uKristu, ngi tyo ukulunga oku vela kuTixo ngokukolwa.
10Ukuze ngi m azi yena, namandhla okuvuka kwake, nokuhlanganyela izinhlupeko zake, ngi m fuze ngokufa kwake.
11Ku ze ku ti mhlaumbe ngi finyelele ekuvukeni kwabafileyo.
12A ngi tyo, se ngi finyelela, nokuti se ngi fezile; kepa ngi ya qinisa, ku nga ti mhlaumbe, ngi ku bambe loko, enga banjelwa kona uKristu.
13Bazalwane, a ngi tyo, ngi ku bambile; kepa ngi tyo loku kupela, ngi kohlwa okungasemva, ngi zelulela okupambili,
14Ngi ya qinisa ngi qonda kuwo umgomo, ngi ze ngi zuze umvuzo wokubiza kwa sezulwini kuka Tixo ngoKristu Jesu.
15Ngakoke, tina sonke esipelele a si be nokuqonda okunjalo; kepa noma ni nokuqonda okunye, uTixo u ya kunambulela na loko.
16Kepa a si bambe ngako loko esi finyelele kuko, si be nakuqonda kunye.
17Bazalwane, ngi lingiseni, ni ba bhekisise aba hamba njalo, loku tina si isiboniso kini.
18Ngokuba abaningi be hamba, e be ngi ni tyela futifuti, ngabo, na manje ngi ni tyela ngi kala, ngi ti, ba izita esipambanweni sika Kristu,
19Ukupela kwabo ku ukubujiswa, utixo wabo u isisu, udumo lwabo lu sehlazweni labo, be naka okomhlaba.
20Ngokuba ikiti li sezulwini; lapo si bheka kona ukuvela komsindisi, iNkosi uJesu Kristu;
21O ya kuguqula umzimba wetu wobupansi, u ze u fane nomzimba wake okazimulayo, ngokusebenza a namandhla ngako ukuzihlelela konke.