1KWA ti ngosuku uMosi e se qedile ukumisa itabanekele e se li gcobile, wa lahlukanisa, nempahla yonke yalo kanye nelati nezitya zonke zalo, e se zi gcobile wa zahlukanisa.
2Ukuba izikulu zabakwa Israeli izinhloko zendhlu ya oyise e za zi amakosi ezizwe a e mele labo ababalwayo za nikela;
3Ba leta umnikelo wabo nga pambi kuka Jehova, izinqola ezi isitupa ezi nopahla, nezinkabi ezi ishumi nambili, inqola inye kwe e yezikulu ezibili inkabi inye si sinye, ba zi leta ngapambi kwetabanekele.
4uJehova wa kuluma ku Mosi, e ti,
5Amkela kubo, ukuba kwenziwe ngazo umsebenzi wetabanekele lenhlangano, u za kuzinika abaLevi ku be i ku lowo njengomsebenzi wake.
6uMosi wa tata izinqola nezinkabi wa zi nika abaLevi.
7Izinqola ezimbili nezinkabi ezine, wa zi nika abakwa Gershoni, njengomsebenzi wabo,
8Izinqola ezine nezinkabi ezi isishiyagalombili wa zi nika abakwa Merari njengomsebenzi wabo ngapansi kwesandhla sika Itamari indodana ka Aroni umpristi.
9Kepa aba kwa Kohati a ka ba nikanga luto, ngokuba umsebenzi wetabanekele wa u ngowabo, ukuba betwale, emahlombe abo.
10Izikulu za nikelela ukwahlukaniswa kwelati mhla li gcotywayo, izikulu za nikela umnikelo wazo nga pambi kwelati.
11uJehova wa ti kuMosi a ba nikele umnikelo wabo, ku be i leso sikulu ngosuku lwaso, wokwahlukanisa ilati.
12Owa nikela umnikelo wake ngosuku lokuqala uNashoni indodana ka Aminadabi wa kwa Juda.
13Umnikelo wake wa u isitya esibanzi sesiliva, isisindo saso sa si amashekeli a ikulu namashumi amatatu, neboli lesiliva eli namashekeli a amashumi a isikombisa, njengeshekeli letabanekele: kokubili kwa ku gcwele impupu enhle e xutywe namafuta ku be umnikelo wo kudhla:
14Ukezo lwegolide, olu amashekeli a ishumi lu gcwele impepo.
15Inkunzi entya, inqama, necwane eli nonyaka, ku be umnikelo wokutya.
16Necwane lembuzi, li be umnikelo wesono.
17Umnikelo wokuhlatyelwa ukutula izinkabi ezimbili, nezinqama ezi isihlanu, nezimbuzi ezi isihlanu, namacwane a isihlanu, amnyaka munye: loku kwa ku umnikelo ka Nashoni indodana ka Aminadabi:
18Ngolwesibili kwa nikela uNetaneli indodana ka Zuari induna ya kwa Isakari.
19Wa nikela ngomnikelo wake isitya esibanzi isisindo saso sa si amashekeli a ikulu namashumi amatatu, neboli lesiliva, eli namashekeli a amashumi a isikombisa njengeshekeli letabanekele: kokubili kwa ku gcwele impupu enhle e xutywe namafuta ku be umnikelo wokudhla.
20Ukezo lwegolide olu amashekeli a ishumi lu gcwele impepo.
21Inkunzi entya, inqama, necwane eli nonyaka ku be umnikelo wokutya.
22Necwane lembuzi li be umnikelo wesono.
23Umnikelo wokuhlatyelwa ukutula, izinkabi ezimbili, izinqama ezi isihlanu, nezimpongo ezi isihlanu, namacwane a isihlanu amnyaka munye: loku kwa ku umnikelo ka Netaneli indodana ka Zuari.
24Ngolwesitatu uEliabi indodana ka Heloni induna ya kwa Zebuloni, wa nikela.
25Umnikelo wake, wa u isitya esibanzi sesiliva, isisindo saso sa si amashekeli a ikulu namashumi amatatu neboli lesiliva, eli namashekeli a amashumi a isikombisa njengeshekeli letabanekele; kokubili kwa ku gcwele impupu enhle e xutywe namafuta ku be umnikelo wokudhla.
26Ukezo lwegolide olu amashekeli a ishumi lu gcwele impepo.
27Inkunzi entya, inqama, icwane eli nonyaka, ku be umnikelo wokutya,
28Icwane lembuzi li be umnikelo wesono.
29Umnikelo wokuhlatyelwa ukutula, izinkabi ezimbili nezinqama ezi isihlanu, izimpongo ezi isihlanu, namacwane a isihlanu amnyaka munye: loku kwa ku umnikelo ka Eliabi indodana ka Heloni.
30Ngolwesine uElizuri indodana ka Shaduri induna ya kwa Rubeni wa nikela.
31Umnikelo wa u isitya sesiliva isisindo saso sa si amashekeli a ikulu namashumi amatatu, neboli lesiliva, eli amashekeli a amashumi a isikombisa njengeshekeli letabanekele; kokubili kwa ku gcwele impupu enhle, e xutywe namafuta ku be umnikelo wokudhla.
32Ukezo lwegolide olu amashekeli a ishumi lu gcwele impepo.
33Inkunzi entya, inqama, icwane eli nonyaka, ku be umnikelo wokutya.
34Icwane lembuzi li be umnikelo wesono.
35Umnikelo wokuhlatyelwa ukutula izinkabi ezimbili, izinqama ezi isihlanu, izimpongo ezi isihlanu, amacwane amnyaka munye a isihlanu: loku kwa ku umnikelo ka Elizuri indodana ka Shaduri.
36Ngolwesihlanu uShalumieli indodana ka Zurishadi induna ya ba kwa Simeoni wa nikela.
37Umnikelo wake wa u isitya esibanzi sesesiliva isisindo saso sa si amashekeli a ikulu namashumi amatatu neboli lesiliva eli amashekeli a amashumi a isikombisa, njengeshekeli letabanekele: kokubili kwa ku gcwele impupu enhle e xutywe namafuta ku be umnikelo wokudhla.
38Ukezo lwogolide olu amashekeli a ishumi lu gcwele impepo.
39Inkunzi entya, inqama, necwane eli nonyaka ku be umnikelo wokutya.
40Icwane lembuzi li be umnikelo wesono.
41Umnikelo wokuhlatyelwa ukutula, izinkabi ezimbili, izinqama ezi isihlanu, izimpongo ezi isihlanu namacwane a isihlanu amnyaka munye: loku kwa ku umnikelo kaShalumieli indodana ka Zurishadi.
42Ngolwesitupa uEliasafu indodana ka Deueli induna ya kwa Gadi wa nikela.
43Umnikelo wake wa u isitya esibanzi sesiliva, isisindo saso sa si amashekeli a ikulu namashumi amatatu neboli eli amashekeli a amashumi a isikombisa, njengeshekeli letabanekele: kokubili kwa ku gcwele impupu enhle e xutywe namafuta ku be umnikelo wokudhla.
44Ukezo lwegolide olu amashekeli a ishumi lu gcwele impepo.
45Inkunzi entya, inqama, necwane eli nonyaka ku be umnikelo wokutya:
46Icwane lembuzi li be umnikelo wesono.
47Umnikelo wokuhlatyelwa ukutula, izinkabi ezimbili, nezinqama ezi isihlanu, nezimpongo ezi isihlanu, namacwane a isihlanu amnyaka munye: Loku kwa ku umnikelo ka Eliasafu indodana ka Deueli.
48Ngolwesikombisa uElishama indodana ka Amihudi induna yaba kwa Efraimi, wa nikela:
49Umnikelo wake wa u isitya esibanzi sesiliva isisindo saso sa si amashekeli a ikulu namashumi amatatu, neboli lesiliva eli amashekeli a amashumi a isikombisa, njengeshekeli letabanekele, kokubili ku gcwele impupu enhle e xutywe namafuta kwa ba umnikelo wokudhla.
50Ukezo lwegolide olu amashekeli a ishumi lu gcwele impepo.
51Inkunzi entya, inqama, icwane eli mnyaka munye, ku be umnikelo wokutya.
52Icwane lembuzi li be umnikelo wesono.
53Umnikelo wokuhlatyelwa ukutula, izinkabi ezimbili, nezinqama ezi isihlanu, izimpongo ezi isihlanu namacwane amnyaka munye: Loku kwa ku umnikelo ka Elishama indodana ka Amihudi.
54Ngolwesishiyagalombili uGamalieli indodana ka Pedazuri, induna ya ba kwa Manasa wa nikela:
55Umnikelo wake, wa u isitya esibanzi sesiliva esi amashekeli a ikulu namashumi amatatu, neboli lesiliva eli amashekeli a amashumi a isikombisa njengeshekeli letabanekele; kokubili ku gcwele impupu enhle e xutywe namafuta, ku be umnikelo wokudhla.
56Ukezo lwegolide olu amashekeli a ishumi lu gcwele impepo.
57Inkunzi entya, inqama, necwane eli mnyaka munye, ku be umnikelo wokutya.
58Icwane lembuzi li be umnikelo wesono.
59Umnikelo wokuhlatyelwa ukutula, izinkabi ezimbili, izinqama ezi isihlanu, nezimpongo ezi isihlanu, namacwane a isihlanu amnyaka munye; loku kwa ku umnikelo ka Gamalieli indodana ka Pedazuri.
60Ngolwesishiyagalolunye uAbidani indodana ka Gideoni induna ya kwa Benjamini wa nikela.
61Umnikelo wake wa u isitya esibanzi sesiliva isisindo saso sa si amashekeli a ikulu namashumi amatatu, iboli lesiliva eli amashekeli a amashumi a isikombisa; njengeshekeli letabanekele; kokubili kwa ku gcwele impupu enhle e xutywe namafuta ku be umnikelo wokudhla.
62Ukezo lwegolide olu amashekeli a ishumi lu gcwele impepo.
63Inkunzi entya, inqama, necwane eli mnyaka munye ku be umnikelo wokutya.
64Icwane lembuzi li be umnikelo wesono.
65Okokuhlatyelwa umnikelo wokutula, izinkabi ezimbili, izinqama ezi isihlanu, izimpongo ezi isihlanu, namacwane a isihlanu a mnyaka munye: loku kwa ku umnikelo ka Abidani indodana ka Gideoni.
66Ngolweshumi uAhieza indodana ka Amishadai induna yaba kwa Dani, wa nikela.
67Umnikelo wake wa u isitya esibanzi sesiliva isisindo saso sa si amashekeli a ikulu namashumi amatatu, neboli lesiliva eli amashekeli a amashumi a isikombisa njengeshekeli letabanekele; kokubili kwa ku gcwele impupu enhle e xutywe namafuta ku be umnikelo wokudhla.
68Ukezo lwegolide olu amashekeli a ishumi lu gcwele impepo.
69Inkunzi entya, inqama, necwane eli mnyaka munyeku ku be umnikelo wokutya.
70Icwane lembuzi li be umnikelo wesono.
71Okokuhlatyelwa umnikelo wokutula, izinkabi ezimbili, izinqama ezi isihlanu, izimpongo ezi isihlanu, namacwane a isihlanu a mnyaka munye: loku kwa ku umnikelo ka Ahieza indodana ka Amishadai.
72Ngolweshumi nanye, u Pagieli indodana ka Okrani induna yabakwa Asheri wa nikela.
73Umnikelo wake wa u isitya esibanzi sesiliva isisindo saso sa si amashekeli a ikulu namashumi amatatu, neboli lesiliva eli amashekeli a amashumi a isikombisa, njengeshekeli letabanekele: kokubili kwa ku gcwele impupu enhle e xutywe namafuta, ku be umnikelo wokudhla.
74Ukezo lwegolide olu amashekeli a ishumi lu gcwele impepo.
75Inkunzi entya, inqama, necwane eli mnyaka munye, ku be umnikelo wokutya.
76Icwane lembuzi li be umnikelo wesono.
77Okokuhlatyelwa umnikelo wokutula, izinkabi ezimbili, izinqama ezi isihlanu, izimpongo ezi isihlanu, namacwane a isihlanu amnyaka munye: loku kwa ku umnikelo ka Pagieli indodana ka Okrani.
78Ngolweshumi nambili uAhira indodana ka Enani induna ya ba kwa Naftali wa nikela.
79Umnikelo wake wa u isitya esibanzi sesiliva isisindo saso sa si amashekeli a ikulu namashumi amatatu, neboli lesiliva eli amashekeli a amashumi a isikombisa njengeshekeli letabanekele; kokubili kwa ku gcwele impupu enhle e xutywe namafuta ku be umnikelo wokudhla.
80Ukezo lwegolide olu amashekeli a ishumi lu gcwele impepo.
81Inkunzi entya, inqama, necwane eli myaka munye, ku be umnikelo wokutya.
82Icwane lembuzi li be umnikelo wesono.
83Okokuhlatyelwa umnikelo wokutula, izinkabi ezimbili, izinqama ezi isihlanu, izimpongo ezi isihlanu namacwane a isihlanu amnyaka munye loku kwa ku umnikelo ka Ahira indodana ka Enani.
84Loku kwa ku ukwahlukaniswa kwelati mhla li gcotywayo izikulu za kwa Israeli, izitya ezibanzi ezi ishumi nambili zesiliva, namaboli a ishumi nambili e siliva, nezinkezo ezi ishumi nambili zegolide.
85Isitya si sinye sa sinda amashekeli a ikulu namashumi amatatu, neboli li linye a amashumi a isikombisa: zonke izitya zesiliva za sinda amashekeli a izinkulungwane ezimbili namakulu amane, njengeshekeli letabanekele:
86Izinkezo zegolide za zi ishumi nambili zi gcwele impepo, za zi sinda amashekeli a ishumi lu lunye, njengeshekeli letabanekele: lonke igolide lezinkezo la li amashekeli a ikulu namashumi amabili.
87Zonke izinkabi zomnikelo wokutya za zi izinkabi ezi ishumi nambili, izinqama ezi ishumi nambili, amacwane amnyaka munye, a ishumi nambili, umnikelo wokudhla: namacwane ezimbuzi omnikelo wesono, a ishumi nambili.
88Izinkunzi zonke zokuhlatyelwa iminikelo yokutula za zi izinkunzi ezi amashumi amabili nane, izinqama zi amashumi a isitupa, izimpongo zi amashumi a isitupa, amacwane amnyaka munye a amashumi a isitupa. Loku kwa ku ukwahlukaniswa kwelati emva kokugcotywa kwalo.
89Lapo uMosi e se ngene etabanekeleni lenhlangano ukukuluma naye uTixo wezwa izwi lokuluma naye e sesihlalweni somusa e sa si pezu kompongolo wemiteto e pakati kwamakerubimi amabili: Wa kuluma kuye.